Stellenbosch FC (0) 0
Mamelodi Sundowns (1) 1
Uqhubekile nesiqalo esihle kwiMamelodi Sundowns umqeqeshi omusha, uMiguel Cardoso, ezakhe ezibuye namaphuzu agcwele eKapa emuva kokwehlula iStellenbosch FC eDHL Stadium ngoLwesithathu ebusuku.
ISundowns inqobe ngegoli lika-Iqraam Rayners alishaye esiwombeni sokuqala.
Ngokuthola amaphuzu amathathu kwiStellies, iSundowns isivule igebe lamaphuzu amathathu phakathi kwayo ne-Orlando Pirates. AmaBrazilians asesicongweni ngamaphuzu angu-24 emidlalweni eyisishiyagalolunye. EZimnyama, ezisendaweni yesibili, zilandela ngawu-21 emidlalweni eyisishiyagalombili.
ISundowns iwine umdlalo wesibili ngaphansi kukaCardoso oyijoyine ngesonto eledlule emuva kokukhonjwa indlela kukaManqoba Mngqithi. Emdlalweni wakhe wokuqala ngempelasonto edlule, wehlule iRaja Casablanca yaseMorocco emdlalweni wesigaba samaqoqo seCaf Champions League. IStellies nayo ingene enkundleni ishayela phezulu kulandela ukuwina kwiLunda Sul yase-Angola koweCaf Confederation Cup.
Enkundleni, nakuba bekungacaci ukuthi yiliphi iqembu eliwubambe kuqala umgqigqo womdlalo kodwa izivakashi yizona ezifike kuqala ezintini zikaSage Stephens obekhombisa izimpawu zokuphaphama ezintini zeStellies.
Akukho lo nozinti abengakwenza nokho ngomzuzu ka-18 lapho ezithole khona ebhekene noRayners ongazange alenze iphutha ngokubeka iSundowns ebuhleni.
Injabulo yeSundowns isheshe yanqamuka nokho kulandela kukaMarcelo Allende okhishiwe, indawo yakhe yathathwa nguNeo Maema naye ophinde wakhishwa.
ISundowns iwehlisile umdlalo emuva kokungena kwaleli goli, kwavela namathuba nhlangothi zombili kuLucas Ribeiro noThabo Moloisane kodwa bobabili badlala ngomsebenzi.
Esiwombeni sesibili ayizange ishintshe indlela obuhamba ngayo kwesokuqala umdlalo kwazise bekuseyiSundowns ekhombisa izimpawu zobungozi ezintini zikaStephens.
IStellies ithole amathuba amabili ngoDe Jong noDevon Titus sezibheke emzuzwini ka-60 kodwa bobabili bahluleka ukuwasebenzisa ngendlela.
La mathuba alandelwe izinguquko zeStellies okube sengathi ziyawuguqula umdlalo kwazise okuningi bese kungathi kuvuna iqembu lasekhaya.
NeSundowns iphendule ngokufaka uKutlwano Letlhaku noPeter Shalulile ezindaweni zoKobamelo Kodisang noRibeiro kodwa umdlalo uye ngokwehla kwaze kwaba uyaphela.