UNGOTI wezepolitiki uthi akusensuku zatshwala kugqabuke igoda phakathi kwe-EFF naloyo owayeyikhulumela, uDkt Mbuyiseni Ndlozi.
Umhlaziyi wezepolitiki, uDkt Levy Ndou, uthe ulindele ukuthi kube nesimemezelo ngekusasa likaNdlozi maduze. Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabe-Newsroom Afrika.
UNdlozi akazange aqokelwe esigungwini esiphezulu ngesikhathi kuqhubeka ingqungquthela yokukhetha ubuholi obusha, ubengekho kwakuba bikho engqungqutheleni ebingempelasonto.
UNdlozi ubeyilungu lesigungu esiphezulu kwi-EFF, kwakubhekwe ukuthi angenele umbango wesikhundla sephini lomholi wenhlangano kodwa kwabuye kwavela imibiko ethi akavumelekile engqungqutheleni.
Umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, ukhombise ukunengeka uma ebuzwa ngoNdlozi, waze wakhipha umyalelo wokuthi bonke abaholi be-EFF bangabe besaphendula uma bebuzwa ngoNdlozi.
UNdou uthe okwenzeke ngempelasonto kukhombisa ngokusobala ukuthi uNdlozi uhleli ngesinqa esisodwa kwi-EFF.
“Indlela uMalema acasuka ngayo uma ebuzwa ngoNdlozi, ikhombisa ukuthi kukhona okungahambi kahle. UNdlozi ubengeyona ingxenye yengqungquthela futhi akazange aze aqokelwe ngisho esigungwini esiphezulu. Kufanele silindele isimemezelo maduze.”
UNdou uthe ukushiya belandelana kwabebengamalungu e-EFF asebejoyine i-MK, kwenza ukuthi kube kukhulu ukungathembani kwi-EFF.
“Okufanele singakukhohlwa ukuthi uNdlozi uyilungu lePhalamende. Njengoba bebaningi kangaka abebengamalungu ePhalamende abashiyile kwi-EFF, kwenza ukuthi kube nokungathembani.”
Ethula inkulumo yokuvala ingqungquthela, uMalema uphinde wagadla kuNdlozi.
UMalema uthe labo abangekho engqungqutheleni ephele ngeSonto, akufanele babizwe ngabaholi.
“Bonke abaholi be-EFF balapha, nampa bahlezi phambili. Labo abangekho lapha kusho khona ukuthi abasibona abaholi. Akufanele belokhu bebizwa ngabaholi.”
UMalema nobuholi obusha be-EFF bakhethwe ngaphandle kokuphikiswa.
Kubaholi abayisithupha abaphezulu be-EFF, bathathu kuphela abakwazile ukugcina izikhundla zabo.
UMalema, uNobhala jikelele uMnuz Marshall Dlamini, noMgcinimafa uNksz Omphile Maotwe, ibona abaphinde bakhethelwa ezikhundleni zabo.
Owayengunobhala jikelele we-EFF, uMnuz Gordrich Gardee, ukhethelwe kwesephini lomholi, kwathi obekhulumela le nhlangano, uNksz Leigh-Ann Mathys, wakhethelwa kwesephini likanobhala.
UNksz Nontando Nolutshungu yena ukhethwe kwesikasihlalo kazwelonke.
Emalungwini e-EFF aKwaZulu-Natal, aqokelwe esigungwini esiphezulu kubalwa ikhansela likaMasipala waseThekwini, uMnuz Vukani Ndlovu nokhulumela inhlangano esifundazweni, uMnuz Mazwi Blose.