UMSAKAZI woKhozi FM uKhathide “Thatha” Ngobe (42) unkwabavote okokuqala ngokhetho lukazwelonke ngoLwesithathu.
UTshatha wethula uhlelo iWoza Nabangani Bakho noSelby Mkhize njalo ngo-3 kuya ku-6 ntambama phakathi nesonto.
Ubhale ezinkundleni zokuxhumana ukuthi uvote okokuqala. Umbhalo ubuhambisana nesithupha esipendwe ngendlela inhlangano eyengamele ukhetho i-IEC eveza ngayo ukuthi umuntu usevotile.
“Angithi phela yonke le minyaka eyedlule kusukela ngazalwa bengingomunye woFakazi BakaJehova. Ngokweminye yemibandela yebandla akuvumelekile ukuvota ngoba bathi abasiyona ingxenye yezwe, bathi akulungile ukuthatha uhlangothi ezintweni ezithinta ezombusazwe,” kubhala uTshatha.
Uthe kumsizile ukuphuma kuleli bandla ngoba wathola ukuthi miningi imithetho ebekwe phezu kumalungu ebandla kodwa engesiyona eyeBhayibheli.
“Isungulwe nje ngabaholi babo laba ababizwa ngeGoverning Body abazinze laphaya e-USA. Bese ngobukhulu ubuqili beyeyamanisa nemibhalo abayithwistile ukuze kube sengathi kusho iBhayibheli. Lona-ke wokungavunyelwa ukubamba iqhaza okhethweni ngeminye yemithetho ewumgogodla waleli bandla elithi yilo lodwa eliyinkolo yeqiniso emhlabeni. Ngimbonga angiphezi uNkulunkulu ngokungivula amehlo ngibone ubuqili bamanga ale nkolo engochwepheshe ekuphuphuthekiseni ingqondo yomuntu,” kubhala yena.
Kusuka ashiya kuleli bandla uhlale ebhala izinto asezenza athi zazingavumelekile phambilini. Wake wabhala ukuthi ugubha usuku lwakhe lokuzalwa nokuyinto eyayingavumelekile.