KUSENZIMA namanje ezinganeni zowesifazane owagwazwa wabulawa owesilisa owayeyisoka lakhe enxanxatheleni yezitolo iGateway, eThekwini ngasekuqaleni kuka-Agasti.
Lokhu kuvezwe umalume kamufi, uMnuz Prince Dlamini ngoLwesibili ngesikhathi umsolwa, uMnuz Siphamandla Khumalo (34) evele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini.
Umufi, uNksz Nomfundo Msibi (30) kuthiwa wagwazwa uKhumalo ephindelela ngo-Agasti 4 emva kokumdoba nge-lay-by yejakhethi ayethe akeze azomkhiphela yona.
UDlamini uthe indodana (4) kamufi ayithola kumsolwa ihlale ibuza ukuthi uphi unina.
“Njalo sihlale siyikhohlisa sithi unina useThekwini ngoba asazi sizoyichazela kanjani ukuthi ngeke iphinde imbone ngoba washona,” kusho uDlamini.
Uthe indodakazi (10) esikwazi ukuqonda ukuthi kwenzekani, ihlale ikhala, ithi iyamkhumbula unina.
UDlamini uthe kwabona bebadala emndenini basakuthola kunzima ukwamukela ukuthi umufi akasekho.
Uthe akamangalanga ngesikhathi ebona umsolwa okokuqala enkantolo, wathi wambona ewusikhotheni, okumfanele ukuthi enzakalise umufi.
“Uma umbuka nje, uyambona ukuthi usikhotheni lona. Ngathi ngimbona okokuqala, ngasho ngathi kodwa nomshana wami naye uyaqoma kodwa. Usikhotheni phela lona,” kusho uDlamini.
Uthe ukhona umuntu othi uma umbuka uthi lento ayimfanele, uze uzibuze ukuthi ngabe bekwenzakaleni.
Ukhale ngokuthi elokufa alitsheli ngoba ukube babazi, babengeke bamvumele umufi ukuthi aye ukuyokhipha leyo lay-by.
“Ngikhumbula udadewethu emtshela umsolwa ocingweni ukuthi, ‘kungabi ukuthi uyobulala ingane njalo’ njengoba ayethi ayiye enxanxatheleni yezitolo,” kusho uDlamini.
Uthe umsolwa wakuqinisekisa kudadewabo ukuthi ngeke enze lutho, waze wathi uzothumela umfowabo ayomthathela ijakhethi ngoba yena uya emsebenzini.
“Yathi iyafika ingane, yathola ukuthi naye ukhona. Yathi uma isithi iyogibela, wayikhiphela uhalakasha wommese, wayigwaza wayibulala,” kusho uDlamini.
Uthe abakulindele ukuthi umthetho udlale indima yawo ngoba umsolwa kusobala ukuthi wayekuhlelile ukubulala umufi njengoba waze wamphathela nommese ayezomgwaza ngawo.
“Siyazi ngeke esabuya umshana kodwa uma engagwetshwa udilikajele, nathi singagezeka izinhliziyo, sazi ukuthi ngobuhlungu asizwisa bona, naye uyabuzwa esedonsa isigwebo ngaphakathi,” kusho uDlamini.
IMantshi uMnuz Ashwin Singh ilihlehlisele uNovemba 13 icala, yathi kusazoqhubeka uphenyo.
Ngaphambi kokuthi uSingh ahlehlise cala, umshushisi uMnuz Calvin Govender uveze ukuthi ophenyweni lwamaphoyisa kusashoda imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu.
Uphinde wadalula nokuthi kusashoda ukuthi kugezwe izithombe kwi-footage eyalethwa abenxanxathela yezitolo, ekhombisa ukusuka nokuhlala kokwenzeka kwesigameko njengoba kwaqoshwa amakhamera.
Ngesikhathi evela enkantolo umsolwa ubelokhu ebeke isandla esihlathini.
Ngesikhathi umufi ebulawa, kwase kuphele izinyanga ezimbalwa emalile umsolwa, emsola ngokuba nodlame, kulandela ukumshaya.
Kuvela ukuthi umsolwa wayengayizwa eyokwaliwa njengoba ayehamba emcinga umufi lapho ayesehlala khona, nokwathi uma engasamtholi, waphoqa ukuthi ayomkhiphela ijakhethi yakhe ayekade esebenzise umazisi wakhe ukuyi-lay-by.