INTOKAZI yaseShowe, uNontobeko Ngema odume ngelikaMawhoo, isiveze ukuthi imigomo ezibekele yona empilweni ingena emkhakheni womculo iyona ebona ukuthi iyilethele impumelelo.
Ukungabaqomi ozakwabo asebenza nabo nokuthola ithimba alethembayo azosebenza nalo, uthe yikho okumsebenzele.
Ekhuluma neSolezwe, uthe umculo uwuqale eThekwini lapho ebehlala khona nonina.
Uthe ungene emculweni ngomculo wamapiano.
“Ngikhethe ukumisa iziqu zami zobuthishela ebengizenza e-Unisa ngoba sengifuna ukuqhubeka nomculo. Ithuba ngaqala ukulithola eMabala Noise ngasebenza nabo iminyaka emibili, ngemuva kokuphela kwenkontileka yethu ngase ngiyazimela. Kulapho engahlangana khona noMaphorisa noKabza ngasebenza nabo ezingomeni ezehlukene. UMaphorisa wangihlanganisa noMaster KG, engenza naye ingoma ethi Ngiyamthanda. Ngemuva kwalokho ngaqhubeka ngasebenza noMaphorisa noKabza sakhipha ingoma ethi Phumelela,” kuchaza yena.
Uthe emuva kokuphuma kwale ngoma, abesilisa bathi mbo kuye bemshela, befuna ukusebenza naye ngoba benethemba lokuthi bazothandana naye.
“Angiyena umuntu othanda ukuxabana nabantu, namanje ngikhetha ukuzithandanela nabantu abangekho endimeni yomculo. Ngenza kwaziwe yiwona wonke umuntu uma siqala ukwazana ukuthi angazibiki,” kuchaza le ntokazi.
Uveze ukuthi uphrojusa uSam Deep noDe Mthuda yibona abenza ingoma yakhe yokuqala ethi Thokoza neyamenza waziwa kuze kube manje.
Uthe usekhiphe ama-EP amathathu futhi useneminyaka emihlanu endimeni yomculo.
Ebuzwa ngokusebenza noMthandeni engomeni yakhe ethi Gucci, uMawhoo uveze ukuthi bese siside isikhathi efuna ukusebenza namaciko kamaskandi, walibonga kakhulu ithuba amnike lona.
Uxhaso aluthole kubalandeli bomculo kamaskandi uyafisa nabanye babe nalo.
Ngaphandle komculo uthe unebhizinisi lokuqashisa ngezindlu njengoba athenga imizi efika eGoli.
Akufisayo manje uthe ukungena emkhakheni wokulingisa nokuyinto ayithanda ngaphambi kokungena emculweni.
Uthe abantu bangajabulela ingoma yakhe entsha ethi Uthukela.