KUVELE ubufakazi obusha izolo ecaleni lokushaya elibhekene nendlovukazi yegqom' uBabes Wodumo eNkantolo yeMantshi yaseThekwini. Ufakazi wokuqala uMnuz Sifiso Mthethwa, oyinduna egade ibhilidi laseWest Walk lapho kwenzeka khona isigameko, uthe wambona nommangali eshaya uBabes kodwa wathi wayeziphindisilela.
UMthethwa ubevele phambi kweMantshi uNtokozo Myeni, noMshushisi uNtokozo Ngema. Uqale ukuphekwa ngemibuzo wuMshushisi mayelana nokuthi usakhumbula ukuthi kwenzekani ngoMashi 12 nyakenye, uMthethwa ukhumbula kahle ngoba naye wagcina ezifikele mathupha endaweni yesigameko futhi wazibonela ngawakhe uBabes eshaya umsiki wengqephu uPhilly Mhlongo.
Uvumile wathi kwezwakala umsindo ehhovisi liseceleni kwelakhe, elikhokhelwa uPhilly. Uthe kwabe sekuba nonogada oyakhona kodwa waqhubeka umsindo owamphoqa ukuba anikele khona. Uthe wafica abantu abawu-4, okungabafana abathathu nentombazane eyodwa ababelwa nentombazane yakwamakhelwane, kunonogada.
"Ngathola ukuthi losisi owayelwa nomakhelwane (uPhilly) wayefuna ukungena ngenkani. Ngaqale angangaqaphela ukuthi ungubani kodwa ngagcina ngitholile ukuthi uBabes Wodumo."
Ebuzwa nguMshushisi ukuthi angamkhomba yini enkantolo, nebala umkhombile ukuthi uBabes. Uthe waqhubeka uBabes nokufuna ukungena ngenkani, kwabe sekuqhamuka ubaba omdala okwathiwa uyise kaBabes, uMfu Welcome Simelane. Uthe wambizela eceleni uSimelane, wakhuluma naye ngoba ezitshela ukuthi engakwazi ukudambisa isimo kodwa kwatholakala ukuthi naye wayengumphehli wodweshu. Uthe inhloso yokuqala kwakuwukhuluma naye njengomuntu omdala ukuba akhuze izingane. UMthethwa ubuye waveza ukuthi oBabes batheleka kule ndawo bephethe utshwala ekubeni kuleli bhilidi bungavumelekile kanye nezikhali.
UMthethwa uthe wambona uBabes eshaya uPhilly ngempama, okwaphoqa uPhilly ukuba aphumele ngaphandle kwesango eyoziphindiselela. UMthethwa uthe isigameko sasiqoshwa kumakhamera. Ebuzwa ukuthi ukhona yini amnikeza i-vidiyo eyayiqoshwa ngamakhamera, uthe wayinikeza uPhilly kuphela. Uphikile ukuthi ukhona owabuye wenza okwakhe nge-vidiyo eyayiqoshwa ngamakhamera.
Kube sekuba yithuba lommeli kaBabes, uThula Mlondo ukuba azohloma ngemibuzo uMthethwa.
Ummeli ubuze uMthethwa ukuthi uyazi yini ukuthi mangaki ama-vidiyo anikezwa ummangali, uthe yena wamnikeza ithuba lokushutha ne-vidiyo amdlalela yona kwi-screen. UMlondo uthe i-vidiyo efike kubo ngeveza ukuthi yasuswa ngqo kwikhamera. UMthethwa uthe akayazi leyo.
Ummeli ubuze ukuthi uma eseshuthile ummangali, kwabe sekwenzekani nge-vidiyo. UMthethwa uthe emuva kwezinyanga ezintathu yanyamalala kwaze kwadingeke uchwepheshe ukuba ayibuyise. UMlondo ubuze ukuthi yashonaphi i-vidiyo, uMthethwa uthe akazi ngoba idinga uchwepheshe ozoyihlonza ukuthi ikuphi. Ebuzwa ukuthi amaphoyisa afike enzanjani, uthe afike abuza kuphela kodwa akazihluphanga ukubukiswa i-vidiyo. Ummeli ube esefunda isitatimende esabhalwa yiphoyisa esithi lathola i-vidiyo kummangali ngoMeyi 9, ngoba laya eWest Walk latshelwa ukuthi ayisekho isuliwe.
UMlondo uthe ngabe akasakhumbuli ukuthi i-vidiyo yayisekhona noma cha. UMthethwa uthe akasakhumbuli futhi akakaze waqinisekisa ukuthi i-vidiyo ihlala izinyanga ezintathu kodwa watshelwa. Etshelwa ukuthi ummangalelwa uzophika ukuthi wamshaya ummangali, uMthethwa uthe kuyobe kungokwakhe lokho.
Ummeli ubuze uMthethwa ukuthi kungani engamtshelanga umseshi ukuthi une-vidiyo ayiqopha wabe eseyigcina efonini ngoba kwisitatimende sakhe kuthiwa ayikho. Uthe wamazisa umseshi ngayo. UMthethwa uthe ngeke aphike ukuthi ngale mizuzu eyishumi, ayengekho ngayo, ummangali washaya ummangalelwa.
Uthe ummeli uthe kunofakazi othi wabona ummangali eshaya ummangalelwa.
UMthethwa uvumile ukuthi wambona uPhilly eshaya uBabes kumakhamera, eziphindiselela.
Icala lihlehlele umhla ka-13 Meyi ngenhloso yokuthola ubufakazi obusha.
UBabes ubeswenke econsa ngeshethi lezikhothane, isiketi sengwe, izinwele ezifake umbala o-maroon zifaswe kahle.