KULEZI zinsuku ibhola ngilibuka kakhulu kwi-app yakwa-SABC, iSABC Plus ngoba kokunye ngisuke ngisendleleni bese ngivele ngidonsa iselula.
Kwaba wumqondo omuhle ukuthi lo msakazeli womphakathi ungasali ngaphandle nawo ube nayo i-app. Nokho angikho kwi-app kepha ngifuna ukuphawula ngengikubonayo uma kudlala ibhola.
I-SABC ibophele impela ngoba kukhona uHlompho Kekana, Itumeleng Khune, Jabu Mahlangu, Mark Haskins nabanye.
Bashaya umsebenzi oncomekayo kodwa ongigqamelayo nguSimphiwe Dludlu, owayengumdlali weBanyana Banyana wabuye waqeqesha manje osengumhlaziyi webhola.
Ngendlela aliqonda ngayo ibhola nawe njengombukeli ukuthatha akubeke ungasali ngaphandle.
Phela ibhola kulezi zinsuku lidinga izinjulabuchopho ngoba kuningi okwenzeka kulo ngale kokukhahlela liyongena enethini. Nolimi olusetshenziswa khona uma kukhulunywa ngamaqhinga lungakudida lukuqede manje.
Phela phambilini kwakuvele kubizwe izinamba kuthiwe usibani bani udlala u-2 noma u-8 kuphele kanjalo. Indlela yokudlala ejwayelekile kwakuba yi-4 4 2.
Manje uzwa kukhulunywa ngokuningi okungakudida kukuqede.
Amaqhinga ashintshile nezindlela zokudlala zishintshile. Kukhulunywa ngo-diamond. Ukuvimba izitha kunendlela okubizwa ngayo kukhulunywe ngo-low block, rest defence, zonal marking nokunye.
Zonke lezo zinto uSimphiwe uma ezichaza zivele zicace bha, amaqhinga amaqembu adlala ngawo uvele enze abe lula usheshe uwabone.
Engikuthanda kakhulu wukuthi akekho amshiya ngaphandle ngoba uphiwe, ukwazi ukushintshashintsha izilimi ukuze bonke ababukeli bamqonde, okuyinto enhle ngoba kuyaziwa ukuthi iSABC isakazela umphakathi futhi kumele ivuleleke kuwo wonke umuntu.
Sengathi kunganda abesifazane abanjengaye futhi iSABC ibanikeze ithuba.