USULWE izinyembezi umculi weMafikizolo, uNhlanhla Mafu, ozobopha elikasofa silahlane ngoLwesihlanu.
UNhlanhla uveze lezi zindaba ekhasini lakhe ku-Instagram.
Ufake isithombe sezindandatho wabe esefaka amazwi atholakala eBhayibhelini kuMathew 19:6 othi “Ngakho abasebabili, kodwa banyamanye. Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu, umuntu makangakwahlukanisi”.
UNhlanhla ngoDisemba 22, waveza ukuthi uthandana nowesilisa amfaka emfihlile ngoKhisimusi njengoba ayefake izithombe nomndeni wakhe.
Ngonyaka odlule ukuphindile futhi lokho njengoba kwaze kwaqubuka imibuzo yokuthi ungubani owesilisa.
Imithombo yezindaba esondelene naye yaveza ukuthi owesilisa nguJerry, akhula naye elokishini iMogale City, eGoli.
UNhlanhla noyise wezingane zakhe onguphrojusa emculweni obuye abe ngusopolitiki bamemezela ukuphela komshado wabo ngo-2019.
Osaziwayo nabangani bakhe bamhalalisele uNhlanhla eveza lezi zindaba.
UMpho Maboi uthe “OMG siyakubongela Nhlanhla. Lo muntu wesilisa uyakuthanda. Ngijabule ngalokhu okwenzekayo”.
Uzakwabo eqenjini iMafikizolo uTheo Kgosinkwe uthe “Ngiyakubongela, wena nobambo lwakho siyanihlanganisa halala”.
UKatlego Danke uthe “Siyakuhalalisela, sengathi uNkulunkulu angawugcina lo mshado ezandleni zakhe”.
UNthati Moshesh uthe “Inhliziyo yami iyagxumagxuma”.
Umculi uLira uthe “Aaaah sthandwa sami ngaze ngakujabulela, konke okuhle okwenzeka empilweni yakho kukufanele”.