UMPHAKATHI waseSection 6, eMadadeni, eNewcastle, uthi liphume nobomvu kubulawa ngesihluku ubhongoza weqembu lemigulukudu ezintatha zangeSonto.
U-Asanda Dube oneminyaka elinganiselwa kwengu-19, kuthiwa abasolwa baqale bamxhifa ngesitini ngaphambi kokuba bamgwaze bambulale.
Ilungu le-foramu elwa nobugebengu endaweni, Abaqondisi, elicele ukungadalulwa, lithe umsindo uqale ngesikhathi amalungu eqembu likamufi, iWest, eyohlasela abantu bakomunye umuzi endaweni.
“Kuthiwa bafike bashawa, kwacaca ukuthi bayahlulwa. Kuthiwa babone kungcono ukuthi bayovusa yena umufi elele, bembikela ngokuthi bayashawa,” kusho umthombo.
Uqhube wathi, ngempela umufi uvuke wanikela khona kanti yilapho naye abese ezohlaselwa khona.
Uthe umthombo ujabule umphakathi ngokubulawa kukamufi njengoba ebesewuhluphe isikhathi eside umphakathi.
“Umphakathi uphumule, bekuhlale kukhalwa lapho abehamba khona,” kusho umthombo.
Uthe phambilini, umphakathi wake waya emndenini kamufi uyonxusa abazali ukuthi bamkhuze umufi ngokuwuhlukumeza kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
Isihlobo sikamufi, uMnuz Surprise Dube ubhale ekhasini lakhe le-Facebook, ezwakalisa ukuthi babuhlungu ngokushonelwa yisihlobo.
“Ngenhliziyo ebuhlungu nangobuhlungu obungabekezeleleki, simemezela ukudlula ngesihluku kukamfowethu omncane. Ubulawe ngesihluku ezintatha zamanamuhla (esho ngeSonto),” kusho uDube.
Uqhube wathi uyazi ukuthi kulabo abamaziyo nabakhula naye, izinhliziyo zabo zibuhlungu, wathi isibani sikamfowabo sicishwe singakafiki isikhathi kodwa imicabango ngaye nothando lwakhe ngeke lwedlule.
“Uyohlale esezinhliziyweni zethu,” kusho uDube, othe ingathi kungaba khona ubulungiswa.
Isolezwe lisanda kubika ngamaqembu emigulukudu ahlalise lubhojozi umphakathi. Lapho imithombo iveze khona ukuthi Osizweni, maphakathi noSepthemba, abulala abantu abayisithupha.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseMadadeni aphenya icala lokubulala nelokuzama ukubulala kulandela isigameko lapho abesilisa begwazwe yiqulu labasolwa.
"Bobabili abagilwa ebebenamanxeba okugwazwa baphuthunyiswe esibhedlela lapho omunye efike washonela khona," kusho uNetshiunda othe okwamanje imbangela yokubulala ayikaziwa.