INGCABHA isele nePhalamende ngokuthi igunyaze noma isichithe isabelomali esethulwe nguNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana, okunemvunge ngaso ngenxa yokunyuswa kwe-VAT.
IPhalamende linamandla okusibuyisela emuva lesi sabelomali kwiKhabhinethi, ukuze sibuyekezwe.
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli uNksz Khumbudzo Ntshavheni, othe uma kwenzeka sigcina sichithwa unomphela lesi sabelomali, zikhona ezinye izindlela ezizokwenziwa.
"Konke sekulele ePhalamende ngoba yilona elivotela isabelomali. Lingasichitha, sibuyele emuva kwiKhabhinethi ukuze sibuyekezwe kabusha noma sigunyazwe siqale ukusebenza. Uma sigcina sichithwa unomphela, kuzosetshenziswa isabelomali esidala, esagunyazwa yiPhalemende ngonyaka odlule, kuze kube kuvotelwa isabelomali esisha," kusho uNksz Ntshavheni ekhuluma esithangamini nabezindaba izolo ngemuva komhlangano weKhabhinethi eKapa.
Usho kanje kulandela ukuthi amanye amaqembu okubalwa i-DA, EFF, MK namanye echithe isabelomali athi ngeke asivotele ePhalamende, ekhala ngokunyuswa kwe-VAT.
Amaqembu okubalwa i-UDM, IFP namanye athe azoseseka isabelomali.
UNksz Ntshavheni usole i-DA ngokudlala ipolitiki ngokuchitha isitatimende sikaGodongwana.
Uthe i-DA ikhala ngezinto ezingahlangene nesabelomali yingakho ithe ngeke iseseke.
"I-DA ikhala ngokuphasiswa komthetho wokuthathwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo. Leli qembu laya enkantolo lifuna kuchithwe lo mthetho, sisalinde lolo hlelo. I-DA ikhala nangendaba yomthetho wezikole i-Bela, ayifuni abafundi abamnyama bathole amathuba. Ikhala nangomthetho womshwalense wezempilo kuleli i-NHI, ngakho ukuchitha kwaleli qembu indaba yokunyuswa kwe-VAT ngo-0.5%, kumayelana nezinto ezindala ekhala ngazo," usho kanje.
Uthe indaba yokuchithwa kwesabelomali akuyona into entsha emhlabeni, nakwamanye amazwe iyenzeka.
Uthe iKhabhinethi iwenzile umsebenzi wayo ngokuthi kumele yethule isabelomali ngaphambi kokuqala konyakamali olandelayo. Unyakamali olandelayo uqala ngenyanga ezayo.
UNksz Ntshavheni ubuye wanxusa abantu bakuleli ukuthi babeke phansi amaphaphu ngodaba lokujutshwa kwezithunywa ezizoya koxoxa nohulumeni waseMelika.
"Siwuhulumeni sibeke umoya phansi, asikhathazekile ngesiphithiphithi se-DA, nezinye izinhlangano ezigijimela ukuya eMelika ziyokhuluma kabi ngezwe. Asisasinaki isiphithiphithi sibeke umoya phansi ngoba asizothumela kuphela ithimba eMelika, kodwa nakwamanye amazwe."
UGodongwana ekhuluma neziteshi ezehlukene zabezindaba izolo, uthe kuhlale kuthiwa akwehliswe isibalo seKhabhinethi wathi incane kakhulu imali engongeka ngokwehlisa lesi sibalo.
Uthe yena ufuna imali enkulu ngoba encane ngeke yenze mehluko.