UPHELE sekumuncu umcimbi womndeni wakwaChiliza obungempelasonto, KwaMgayi, eMthwalume, abomndeni bejuqwa yizisu kwaze kwagcina sekushona abesilisa abathathu.
Kuvela ukuthi abekade edle inyama yenkomo ebihlatshwe ngayizolo.
Umcimbi kuthiwa ubuhanjelwe omakhelwane namalungu omphakathi futhi kujatshulwe.
Injabulo kuthiwa igcine seyiphenduka izinyembezi ngesikhathi amalungu alo mndeni ayisishiyagalombili ezibhonqa, ekhala ngokujuqwa yizisu aze ephuthunyiswa esibhedlela.
Omunye obeyisimenywa emcimbini, uthe abathathu bashonele esibhedlela saseScottburgh, ngemuva kwesikhashana kade bengenisiwe. Abahlanu kuthiwa basesimweni esibi esibhedlela.
"Bekungakapheli nesikhathi esingakanani beqeda kudla inyama yenkomo, bakhala ngokujuqwa yizisu bonke emndenini. Sonke simane saxakeka ukuthi kwenzakalani ngoba nathi siyidlile kodwa besingaguli,'' echaza.
Namanje uthe basamangele ukuthi kwenzakaleni ngenyama egcine igulisa amalungu omndeni kuphela.
"Namanje sisamangele ngento esiyibone yenzeka. Siyazibuza siyaziphendula ukuthi ngabe kwenzakaleni.''
Uveze ukuthi zimapeketwane izinto kulo mndeni ngenxa yalesi sigameko.
"Kukhona olunye uhlangothi lomndeni olusola sengathi kukhona okushaya amanzi ngalesi sehlo. Lukholwa ukuthi cishe umhlola usekhaya,'' echaza.
Omunye wabaholi bakule ndawo ocele ukuba kugodlwe igama lakhe, uthe uzwile ngesigameko.
"Ngizwile ngale nto okhuluma ngayo. Ngithole nokuthi abaphuthunyiswe esibhedlela bebephuma igazi nangamakhala,'' usho kanje.
Isehlakalo kuthiwa siyindaba egudwini kumalungu omphakathi akule ndawo njengoba wonke ebuzana ukuthi kwenziwe yini ukuthi izisu zijuqe kuphela amalungu omndeni.
Ikhansela lakule ndawo, uMnuz Sebelo Zuke, lithe lizwile ukuthi kunabantu abagcine beshonile ngemuva kokuba bedle inyama yenkomo yomcimbi.
"Ngitholile ukuthi kugcine kuphuma izidumbu ngemuva kokuba labo bantu kade bedle inyama yenkomo yomcimbi obukhona ngempelasonto. Kodwa angazi kahle ukuthi bekungumcimbi wani,'' lisho kanjena.
Lithe likhathazekile kakhulu ngalesi simo esivelile endaweni.
Owomndeni okhulume neSolezwe obezwakala ekhala ongakwazanga ukusho igama lakhe, ukuqinisekisile ukuthi kuphume izidumbu.
"Bathathu abantu abasashonile okwamanje. Sikhathazekile kakhulu ngoba asazi ukuthi le nyama ibifakwe ini,'' usho kanje.
Uveze ukuthi isimo sibi nakulaba abalaliswe esibhedlela.