UKHULULWE ngebheyili kaR100 000 umbhali nophrojusa wemidlalo emikhulu okukhona kuyo iMuvhango, Umkhokha neSibongile & the Dlaminis, uDuma Ndlovu osolwa ngokwephula imigomo yophiko oluqoqa intela kuleli, iSars.
UDuma nabanye abathathu kuvela ukuthi bakweleta iRars imali ewu-R25 million. Bebevele enkantolo yeMantshi ePalm Ridge izolo.
UDuma ekhishwa ngebheyili udonswe ngendlebe kwathiwa akabike ngoMsombuluko noma ngoLwesithathu esiteshini samaphoyisa.
Uphinde watshelwa ukuthi uma kudingeka ukuthi aye esifundazweni iKwaZulu-Natal, akaxhumane nabomthetho ngalokho.
Abesilisa abevele nabo kuthiwa babesebenzela le nkampani, futhi babemsiza kwezinye izinto ezithinta ukukhwabanisela iSars.
Kuvela ukuthi abenzanga kahle ngesikhathi begcwalisa amaphepha amayelana nentela okuyinto echazwa njengokukhwabanisela lolu phiko.
Izolo enkantolo ummeli kaNdlovu, ubengafuni ukuthi abezindaba babe khona ngaphakathi ukubika ngaleli cala. Unxuse inkantolo ukuthi ikuvimbe lokhu kodwa inkantolo yakunqaba.
Sekuqhubeka icala, uDuma ngomlomo wommeli wakhe unxuse ukuthi akhishwe ngebheyili.
Uthe akayena umuntu ongaphula imibandela yebheyili yakhe, njengokushiya elakuleli.
Ukubeke kwacaca ukuthi amacala abhekene nawo akawazi.
Okunye akuvezile ummeli wukuthi uNdlovu ubengakubalekeli ukukhokha intela emalini ebingena ngemisebenzi ayitholayo kodwa konke uzokuchaza uma sekuqulwa icala lakhe.