UMCULI wokholo uThinah Zungu uthe abantu abangamkhaleli ngesimo esimvelele ngoba bekuwukunyakaziswa uNkulunkulu ukuze ambone ukuthi uqine kangakanani.
UThinah ngesonto eledlule kuvele izindaba zokuthi emzini wakhe oseNanda kugasele izigebengu zathatha izimpahla ezehlukene nemoto.
Uma echaza uthe abenzi bokubi babavalele amahora amabili, yena nomndeni wakhe nokuyinto angeke ayikhohlwa.
Kodwa kukho konke uthe isigebengu esisodwa esasikhona sibakhombise ububele bedinga amanzi nezingubo zokuthi bafudumale.
“Kulaba besilisa abebekhona, ngifisela oyedwa wabo ukuba ashintshe. Kodwa ngoba bonke sebengene la bathinta izimpahla zami bazoshintsha. Waqinisekisa ukuthi asitatazeli kukho konke okwakwenzeka. Wayengibiza ngoManzini engibuza nezinye izinto ukuthi zikuphi, lokho nje kwawehlisa umoya wami angibange ngisaba nendaba ukuthi ubethunyiwe noma ubone sebefikile ukuthi uze kwami kodwa lowo muntu uyisigebengu engisithandayo,” kusho uThinah.
Uthe wayekhathazeka uma ephuma eya ngaphandle engalizwa izwi lakhe, njengoba wayesemethemba futhi ezizwa ephephile uma eseduzane kwabo.
“Kimi kwabonakala sengathi uthunywe uNkulunkulu ukuthi asivikele. Ngamcela ukuthi asikhiphele izimvume zethu zokuya kwamanye amazwe (passports), ngoba sizowadinga maduzane, umkami wacela amanzi nengubo ayezozigoqa ngayo ngoba wayengagqokile, wanika uNdumiso indodana yami ucingo lwayo wathi ayilufihle kodwa laba abanye balubona baluthatha, sathi sesiphuma saluthola phezu kwetafula, waletha izingubo ethoyilethi lapho sasivalelwe khona ukuze sifudumale, waxolisa sebeqedile ngakho konke abakwenzile, ngimbonile uNkulunkulu ngalesi simo futhi ukholo lwami luqinile ngaso,” kusho yena.
Uthe uyafisa ukuthi abazothenga izimpahla zakhe bashintshe ngezindlela ezehlukene bamazi uNkulunkulu.
UThinah uthe akukho okusha abasakuzwile emaphoyiseni futhi abamgxekayo ngokuthi ubeveza umuzi wakhe ezinkundleni zokuxhumana kungakho evelelwe ilesi simanga, nabo umbono wabo lowo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthembise ukuphendula ngemuva kokuthunyelelwa imininingwane ngaleli cala.