YIZE ebonakale emamfuza ikhekhe engakhulumi lutho kuhle komlingisi owengeziwe esiqeshini sokuqala somdlalo, Icala, woMzansi Magic, uSmangele Mhlongo, odume ngoMakaChicken, uthe ungomunye wabalingisi ababalulekile kulo mdlalo.
Esiqeshini sokuqala uvele ezidlela ikhekhe kwaze kwaphela lesi siqephu engashongo lutho.
Indlela abenza ngayo ubungathi wumlingisi ozothi xinti bese iyaphela indawo yakhe.
Icala wumdlalo omusha woMzansi Magic, odlala ngoMsombuluko ngehora lesishiyagalombili ebusuku.
Exoxa neSolezwe Ngempelasonto, uMakaChicken, uthe udlala indawo ebalulekile kamama wasemakhaya uMaMshokobezi.
"Indawo yami ikwezibalulekile kwiCala. Noma ngingeke ngiphumele obala ngezinto ezizokwenziwa wuMaMshokobezi kodwa umuntu osazoshubisa kakhulu emdlalweni. Ngiyakholwa ukuthi abantu bazoyijabulela kakhulu le ndawo engiyilingisayo. Njengoba wazi ukuthi mina ngingumuntu wamahlaya, yilokho okuningi abantu abazokubona ngale ndawo," kusho uMakaChicken.
Uthe naye uyijabulele kakhulu le ndawo ngoba udlala indawo kamama wasemakhaya, imfundisa ngale mpilo athe akayazi nayizwe imnandi ukuyidlala.
Ngaphandle kwale ndawo wake walingisa kancane nakuZalo elingisa indawo kaColonel Mabaso.
Ebuzwa ukuthi kungalindeleka yini ukuthi abonakale nakweminye imidlalo elingisa, uthe akafuni ukuyikhulumela eziko.
"Asizivezi izindaba ezinjalo kungakenzeki ngoba kukhona abanomona abangaze bathandazele ukuthi izinto zakho zingalungi. Uma kukhona okwenzekayo abantu bayobona sengivela khona,"usho kanje.
Lo mdlalo okaChris Q Radebe, ongumlingisi nombhali wemidlalo yethelevishini, owazakhela udumo edlala indawo kaDabula kwiSibaya.
Ngokugxila ekulingiseni, uMakaChicken, ngeke athi uzoba mningi kukhona ngenxa yokuthi ungumuntu omatasa.
"Njengoba ngingumuntu wedlozi, nginemisebenzi eminingi kakhulu engibhekile. Ngibuye ngithwasise okudinga ngibe nesikhathi namathwasa ami. Akumele ngigcine sengigxile ekulingiseni ngikhohlwe wumsebenzi wedlozi. Uma ngisakwazi ukuyenza kanyekanye le misebenzi ngizoqhubeka kodwa kumele ngingade kungadleki isikhathi sedlozi," kuqhuba yena.
Ngaphambi kokuthi angene ekulingiseni uqale wazakhela udumo ngama-video amahlaya awenza kwiFacebook, ekhasini lakhe iKwanjomane nendodana yakhe uSbonelo 'Chicken' Mhlongo.
Ugcine eseba nohlelo olukhuluma ngempilo yakhe nomndeni kwithelevishini.