OSAZIWAYO abashadile nabayizithandani, okukhona kubona uBoity Thulo nesoka lakhe u-Anton, uBontle Modiselle noPriddy Ugly, uGogo Maweni nomyeni wakhe, uSabelo Mgube, bangabanye bosaziwayo abazobonakala bexoxa ngothando lwabo, bavuleleke nangezinto ezilugcina luvutha amalangabi ohlelweni olusha, iSunday Sexy Love.
Bazoxoxa noTumi Morake kulolu hlelo okulindeleke ukuthi luqale ngeSonto kuMzansi Magic ngo-9, ebusuku.
Ngeke nje bakhulume ngokuhle kuphela kodwa bazothinta nezinye izingqinamba abahlangabezane nazo othandweni lwabo, ukuthi bazixazulule kanjani ukuze bangahlukani.
UShirley Adonisi wakwaM-Net uthe izingxoxo ezijulile ezithinta ngisho okwasekamereni yizona abacabanga ukuthi zizodonsa amehlo abakuleli.
“Bazositshela ukuthi yini ebagcina bendawonye futhi yini abayenzayo nabangayenzi uma besemehlweni abantu. Okuzobe kubhekwe kakhulu ngababukeli ukuthola ukuthi yini egcina uthando lwabo luvutha amalangabi. Akubona nje kuphela labo saziwayo abazobonakala kulolu hlelo kodwa kukhona nomlingisi, uLetoya Makhene-Pulumo, nashade naye, uLebo Kheswa, abaculi, uNtokozo Mbambo noNqubeko Mbatha, noMpho Wabadimo benoThemba abaduma kwiBig Brother Mzansi. Bonke siyazi bazoqhamuka nezinto ezihlukene ezizosiza abantu bakuleli kwezabo izindaba zothando,” kusho uShirley.
Uthe usuku lwangeSonto lwaziwa njengolwezinhlelo ezithakaselwa abaningi njengoba zisuke zigcwele izinto ezikhulumisayo yingakho bekhethe lolu hlelo ukuthi lube ngalolu suku.
Uveze ukuthi bayaziqhenya ngokulethela abantu bakuleli labo saziwayo, nabathemba ukuthi uhlelo luzoba nomthelela omuhle.