UZITHINTELE iziqandu kumelaphi wendabuko waseThekwini unontandakubukwa waseThekwini, uTha Simelane ngokubonakala esemcimbini womunye umelaphi.
UTha kuthiwa usheyelwe ucingo nguBhongolwethu ‘Dr Khehlelezi’ Mzozo, esho ukumudla amfele ecasulwa wukuthi uvele esemcimbini wokwethulwa ngokusemthethweni kweKing Bhaka Music Festival kaZamokwakhe ‘King Bhaka’ Nzama, ozoba ngo-Okthoba 14, eKing Bhaka’s Dam, eNgilanyoni, eMid Illovo.
UTha ubengomunye wosaziwayo abebehambele ukwethulwa ngokusemthethweni komcimbi ngoLwesibili ebusuku, emzini kaKing Bhaka, eHillary, eThekwini.
U-Dr Khehlelezi kuthiwa ubone uTha evela ekhasini leFacebook likaKing Bhaka, njengoba ukwethulwa komcimbi bekusakazwa bukhoma kulona.
“Emva komcimbi ungishayele ucingo evutha bhe, engibuza ukuthi bengifunani kwaBhaka. Ubale izinto eziningi engingaziqondi ngokungazwani kwakhe noBhaka. Uthe ubazi ukuthi ngingumngani wakhe kodwa ngimdayisile ngokuya kumuntu oyisitha sakhe.
Ubale nokuthi uBhaka umthathela bonke abantu azwana nabo futhi kunegama amdelela ngalo likaSgujana. Mina bengingazi nokuthi abazwani futhi angazi nokuthi yini le akhuluma ngayo kaSgujana,” kusho uTha.
Uthe yena akanankinga noDr Khehlelezi kodwa imthusile indlela akhulume ngayo. Wathi noma engenankinga naye kodwa njengamanje ucheme noKing Bhaka, okunguyena omqashile ukuthi aphathe uhlelo kwiKing Bhaka Music Festival.
Kuthintwa uDr Khehlelezi ngalezi zindaba uphikile ukuthi uke wamthinta uTha.
“Angikaze ngimfonele uTha futhi angikaze ngikhale ngokuba semcimbini kwakhe. Sijwayelene naye kodwa akayena umngani wami omkhulu,” kusho uDr Khehlelezi.
Isolezwe Ngempelasonto linawo umbhalo othwetshuliwe (screen shot) oveza ukuthi uDr Khehlelezi uke wamthinta uTha.
Kuthintwa uKing Bhaka ngalezi zindaba, uthe akuyena owokuqala uTha ukushayelwa ucingo nguDr Khehlelezi athethiswa ngokubonakala emzini wakhe.
“UKhehlelezi uphume umkhankaso wokuzama ukudicilela phansi umcimbi wami. Kunabaculi engibaqashile abebafonela ebatshela ukuthi umcimbi awusekho bangezi.
Abanye ubebaqulisa ukuthi bawesekelani umcimbi wami ngoba bebeke basebenze naye. Kukhona ngisho abafake umoya wokuthi abathathe imali engibaqashe ngayo bese bengezi emcimbini.
Konke lokhu ngiyakwazi kodwa yena uzitshela ukuthi angazi. Umcimbi ngeke uvinjwe wuyena, uzoba khona ethanda engathandi,” kusho uKing Bhaka.