ABASEMQHUDELWANENI wokuvumbulula ikhono lomculo Ushuni Womhlaba, babonga ukwesekwa kuze kube yimanje njengoba sekubhekwe emaphethelweni.
Kulokhu sekusele abayisishiyagalombili njengoba kuphume ababili kwiTop 10 ebiqhudelana ngeSonto ebusuku.
Kuphume u-Anelisa Moneyi noThuso Gotyinjwa.
Umnctiswano uzophela ngo-Okthoba 20, lapho kuzomenyezelwa khona onqobile.
Omunye wabakulo mqhudelwano uHloniphani Msani, uthe ubeqala ukuba semncintiswaneni omkhulu ngalolu hlobo, kodwa uyabona izinto ziyamvuna njengoba esengasemaphethelweni omncintiswano.
“Kunzima khona ngoba noma ngingumculi kodwa ukunikwa ingoma yomuntu kuthiwe yenze ngeyakho indlela, akuyona into elula. Njengoba ngiqhamuka eSouth Coast, ikhona imiqhudelwano ebengike ngiyingenele kodwa ibingemkhulu uma uqhathanisa nalo. Emculweni senginesikhathi ngikuwona kodwa bengingakaze ngilithole ithuba lokuthi ngivelele kuwona. Yize sisemqhudelwaneni kodwa esinabo kuwona sesifana nomndeni nabo,” kusho uHloniphani.
U-Amanda uthe ukuzethemba yikhona okumgqigquzelayo ukuthi enze kahle emncintiswaneni.
“Mina akukho sicoco enginaso emculweni, ngisho esincane. Enginaso esokumodela ngoba ngake ngamodela. Njengoba ngikuwona nje kungiphatha kabuhlungu ukubona omunye wethu ephuma emqhudelwaneni ngoba sesifana nomndeni,” kusho u-Amanda.
UMarley-Girl Mokoena uthe naye usenesikhathi ekhona emculweni.
“Nginomculo wami owaziwayo, kumanje otholakala ezinkundleni ezidayisa umculo nge-internet.
“Kukhona nengoma yami iNgivumeleni engiyenze engipike kuyona uLwah Ndlunkulu eyaziwayo. Yize ngizimisele ngokuphumelela kodwa uma kungenzekanga ngeke ngiphele amandla ngoba ngizoqhubeka nokucula ngendlela ebengenza ngayo,” kusho uMarley-Girl.
USfiso Nene osinde emlonyeni wengwenya ngeSonto njengoba ebekwiBottom 3 okuphume kuyona uThuso no-Anelisa, uthe uma kungenzeka egcina engaphumelelanga uzothatha akufunde emncintiswaneni aqhubeke nomculo ngoba uyimpilo yakhe. Ubonge iNingizimu Afrika ngokumvotela njengoba ekwazile ukuba namavoti angcono kunabaphumile.