INTOKAZI yakwaNxamalala, eNkandla, elaxaze isicoco sikaMiss Icora FM ithi isisabela impilo yayo njengoba ithi ishayelwe ucingo ngowesilisa eyisabisa ngokufa emva kokulaxaza isicoco.
UMvelo “Samantha” Langa (24) obephethe isicoco sikaMiss Icora FM 2023/24 nobesanda kugeqa amagula ngokulaxaza kwakhe isicoco, uthi sekuke kwangena ngisho namaphoyisa ezophenya kubo ngenxa yalesi sigameko sokusula kwakhe kwi-Icora FM.
I-Icora FM ibisanda kukhipha isitatimende iveza ukuthi le ntokazi isisibeke phansi isicoco ngenxa yokuba nenkinga yokuba nokhwantalala.
Encwadini, lesi siteshi somsakazo womphakathi esiseRichards Bay, sithe ngenxa yenkinga ebhekene nale ntokazi isithathe isinqumo sokuthi ilaxaze isicoco.
Bathe bayayeseka ngesinqumo sayo. Baveze ukuthi bamazisile uMvelo ukuthi abuyise yonke impahla yesiteshi abeyisebenzisa okungamaselula amabili, i-laptop, i-sash nesicoco kodwa wanqaba baze bavula icala emaphoyiseni.
Bathe akulona iqiniso ukuthi le ntokazi ibihlukumezeka esiteshini. Baveze nokuthi iningi imali esetshenzisiwe ukuqinisekisa ukuthi uMvelo uwuqhuba kahle umsebenzi wakhe njengoMiss Icora FM.
Kuthintwa uMvelo, uthe azikho izimpahla zesiteshi anqwahe nazo kodwa imizamo yokuzibuyisela ayiphumelelanga njengoba namaphoyisa ethe anqabile ukuzamukela yize kuthiwe sekuvulwe necala.
“Okungiphatha kabuhlungu ukuthi angishongo ukuthi ngigula ngekhanda njengoba besho kanjalo. Ngabachazela ukuthi umsebenzi abanginike wona ungaphezu kwamandla ami futhi akekho ongiqeqeshile kuwona. Imisebenzi engibekelwe yona esiteshini ibiminingi kakhulu njengoba bekumele kube yimi ogada ikhasi likaFacebook wesiteshi, ngiphinde ngiqokelele imali ezongena esiteshini njengoba kuthiwa iningi imali esetshenziswe ngami.
“Ngiwenzile lo msebenzi, kwakhona imali engena esiteshini kodwa konke lokho bekubukeka kungenele. Mayelana nenkinga yokuba nokhwantalala, ngayiveza kubona, nokuhamba udokotela. Kunokuthi bazwelane nami baqhubekile banginika imisebenzi eminingi engaphezu kwamandla ebingidalela ukhwantalala,” kusho uMvelo.
Uthe amaselula ne-laptop, i-sash nesicoco yizinto aziwina kulo mncintiswano abengazi ukuthi kusengezesiteshi. Yize kunjalo, uthe akanqabanga ukuzibuyisa njengoba ecele ukuthi bavumelane ngosuku azoziletha ngalo.
“Ngithe ngisalinde sivumelane ngosuku, kwavele kwangena amaphoyisa ekhaya engenayo nemvume yokuphenya, afike athi azophenya. Ashiya yonke into ibheke phezulu kodwa angathola lutho. Nakhona ukuthi ayefunani awafunanga ukuchaza kahle kodwa akuveza ukuthi athunywe yi-Icora FM.
“Emva kwalokho ngithole ucingo lowesilisa ozibize ngoSfiso Makhathini engisabisa ngokuthi impilo ayinasipele, angihlale ngiqaphile ngoba sengithengelwe izinkabi ezizongidubula,” uqhuba kanje.
Leli phephandaba linayo inkulumo eqoshiwe yalo wesilisa esabisa uMvelo futhi ongafunanga ukuzichaza ukuthi ungowakuphi.
Kuthintwa imenenja ye-Icora FM, uBonga Msweli, ithe icela ukuthunyelelwa imibuzo nge-email.
USihlalo weBhodi le-Icora FM, uQaphile Potswane uphendule nge-email, wathi: “Impendulo kulokho sicela ubheke isitatimende esisikhiphile ngalolu daba khona uzoqonda ukuthi kwenzekani. Kukhona nenkulumo kaWhatsApp lapho uMvelo ayezisulela yena kwi-Icora FM. Ngokusatshiswa ngokubulawa, siyaziqhelelanisa nalokho. Sicela avule icala emaphoyiseni ngoba wudaba olubucayi lolo.”