KUNZIMA kunina wengane kaMthandeni “Igcokama Elisha” Manqele oselotsholwe ngomunye wesilisa emva kokuputshuka kwezwi lakhe eliqoshiwe eveza ukuthi usengabuyelana nalo mculi yize esegane kwenye indawo.
Kulezi zinsuku kusabalele ezinkundleni zokuxhumana izwi eliqoshiwe likaVezile Buthelezi odume ngomakaMpumpu, okuyindodakazi yakhe ayithola neGcokama Elisha ngaphambi kokuba alotsholwe wuMsoco Khumalo.
Ukuvela kwezwi kuthiwa kumoshe izinto phakathi kukaVezile noMsoco. Kuthiwa ocingweni lukanina kaMpumpu, uMsoco akagcinanga ngokubamba inkulumo eqoshiwe kodwa kuthiwa kukhona nezithombe zakhe (unina kaMpumpu) enqunu abezithumelela Igcokama Elisha.
Kuthintwa uMsoco obezwakala ethukuthele, uthe akazimisele ukuphawula ngodaba ngoba selukubantu abadala.
“Ngingakuqinisekisa impela ukuthi enkulumeni eqoshiwe esabalele kwiFacebook, uyena uMaButhelezi okhulumayo. Engeke ngikuphawule ukuthi kwenzekani phakathi kwethu manje ngoba udaba sengilubikele umndeni wakhe, kumele siyolixoxa nomndeni wakaButhelezi,” kusho uMsoco.
UMsoco ungumlandeli omkhulu kaKhuzani owaziwa ngokuba yimbangi neGcokama Elisha.
Eminyakeni emithathu edlule, uMsoco ube sematheni ethatha unina kaMpumpu waze wamlobola. Kwasabalala izindaba zokuthi umphuce Igcokama Elisha. Waze wavela nasohlelweni lukaKhuzani ekhuluma negidangoma likaKhuzani, uThibela Mpungose “Intibane”, lapho athi wafika sekulele umuhlwa kunina kaMpumpu engasayazi indoda, kuthiwa iGcokama belihluleka ukumjabulisa ocansini.
Emva kwale nkulumo kanina kaMpumpu esuse umsindo, kuphinde kwasabalala ne-video lapho kuvela khona Igcokama Elisha ligibelisa unina kaMpumpu emotweni yalo iHyundai H1 emhlophe.
Libuzwa iGcokama ukuthi selibuyelene yini nonina wengane yalo, lithe ababuyelene kodwa bayaxhumana.
“Njengoba ebevele ngimgibelisa emotweni, ubezolanda ingane ekhaya kade ingivakashele. Noma singasathandani kodwa akuphelile ukuthi ungumama wengane yami. Nayo ingane iyafika ingivakashele futhi bengingeke ngihambise phansi umama wayo ebe ethathe isinqumo sokuthi azoyihlangabeza ekhaya.
“Ukuthi ubeyithatha eya nayo la egane khona anginakinga nakho ngoba vele ifana nokuthi iseyingane yakhona ngoba unina usegane khona. Nale yesibili ayikhulelwe umakaMpumpu angayibiza ngokuthi eyala egane khona anginankinga,” kusho Igcokama Elisha.
IGcokama lithe yize kwaba sengathi lathathelwa unina wengane ngesikhathi egana uMsoco, kodwa babevele bengasathandani naye ngaleso sikhathi.
Enkulumweni eqoshiwe unina kaMpumpu okuzwakala sengathi ubeyithumelela omunye wabangani bakhe, uveza ukuthi maningi amathuba okuthi angabuyelana neGcokama Elisha kodwa ubanjwe wukuthi uselotsholwe kwenye indawo.