ISILOMO somdlalo wethelevishini uCebolenkosi ‘Mr Vibe’ Mthembu, usengene emculweni wamapiano futhi uyenze kabusha ingoma yakhe ethi Vayi Vayi.
Lo mlingisi, odlala indawo kaDetective Nyawo emdlalweni Uzalo, osakazwa kuSABC 1 phakathi nezinsuku ngo-8.30 ebusuku, uthe ingoma wayeyenze eminyakeni edlule ngesigqi se-house.
"Ngiyenze kabusha sengiyithake ngesigqi samapiano futhi sengihambisana noCsana ukuze ihambisane nesikhathi samanje."
Uthe uyifake ezitolo ezisezinkundleni zokuxhumana kusukela ngoSepthemba.
"Iyangichaza indlela ethengwa ngayo ngabathandi bomculo. Nginethemba kuzoshaya uDisemba seyishisa izikhotha. Ngiyacela abantu baqhubeke nokukuyithenga njengamagwinya ashisayo ezitolo zomculo."
UMr Vibe uthe abazohambela umcimbi Iciko Lami Arts & Culture After Party ngoNovemba 29 kusukela ngo-5 ntambama, eLanga Res, KwaNdengezi, bazolizwa okokuqala iculo elihlabelela bukhoma.
“Ngizocula futhi ngibuye ngikhuthaze izihambeli kulo mcimbi.”
Kulo mcimbi uMr Vibe uzobe eshiyelana inkundla namanye amaciko okubalwa kuwo uMafresh woKhozi FM, uFuthi Mahlasela, uSilverware, uSgora, iGolden Trio Dancers, uDJ Pepino, uDJ Saneristo, uDJ Teezet, uGeb woKhozi, uVincent, uPhefeni woKhozi, uMC Rosshy noKuzzyKayise.
Abahleli bomcimbi iTruetainment Projects, (okubalwa kubo uMhlaba Mphaza, uPhumelele Queen Gumede, noZamaswazi Vilakazi), bathe kuzoqalwa ngokuba kufukulwe amaciko ngolwazi kwiCiko Lami Arts and Culture, phakathi kuka-10 ekuseni no-3 ntambama KwaNdengezi Hall.
Ngokwesitatimende abasithumele abezindaba kuzobe kucathuliswa amaciko ngokubhaliswa kwezinkampani nomculo, incwadi yakwaSars ekubeka kahle, ukutholakala kwesitifiketi seB-BBE.
Phakathi kongoti abalindelekile kubalwa ozobe evela kwaSeda, NYDA, Cstahood, Operation Sukuma Sakhe, iDurban Base Entertainment, Business Youth Desk kuMasipala weTheku, Playhouse, Itch & Leeds nakwaSpur Savmore. Abagqugquzeli bathe kulo mbuthano kuzobe kunandisa iJunior Yangempela, Sgora Da Vocalist, Golden Trio Dancers noFuthi Mahlasela.