Ushisa phansi umbango kozime abangu-40 ababheke ukuthatha isicoco sikaMiss KZN Queen sakulo nyaka njengoba umncintiswano ususesigabeni sokuvotelwa ngabalandeli.
Njengamanje lesi sicoco siphethwe wuNkazimulo Tshabalala noPalesa Khanyile yena owathola esikaTeen Miss KZN Queen.
Omunye wabasembangweni, uNokwanda Sikhakhane waseNewcastle, uthe ungenele umncintiswano ngoba ethanda indlela ababungaza ngayo abesifazane nangendlela ababakhulisa ngayo
"Indlela abakhuluma ngayo ngezinkinga esibhekana nazo njengabantu abasha futhi bakhulisana nangokomqondo. Ngithande indlela abenza ngayo izinto," kusho uNokwanda.
Uthe uma enqoba ufuna ukufundisa ngokugula ngokwengqondo nokwenza isiqiniseko sokuthi bayasizakala.
"Inkinga enkulu abantu ababhekene nayo emphakathini wami yindlala. Kubaluleke kakhulu ukuthi sisize abantu abaphuma emakhaya ampofu futhi singabaniki isisombululo esincane."
Omunye osembangweni, uNongcebo Jali, ekhuluma kwi-video efakwe ekhasini lomncintiswano, uthe ubejwayele ukubona izikhangiso kodwa engenaso isiqiniseko sokuthi angenele ngaphambi kokuthi unina amgqugquzele.
"Wangitshela ukuthi uma ngingenela, kuzosiza ukuthi ngibe nokuzethemba futhi kunginike namava," kusho uNongcebo.
Ukuvota kuvalwa ngo-6 ntambama ngo-19 Julayi. Kuvotwa ku-www.pageantvoteafrica.com/pageants/1442