UMLINGISI wemidlalo yethelevishini, uTebogo Thobejane, uthi usazoba yindlala emphakathini njengoba esethathe isinqumo sokungabi wuvanzi emva kokuvela kwezindaba zokuthi abasolwa ababoshelwe ukumdubula nyakenye bebeqashiwe.
Ekuqaleni lo mlingisi uke wabaleka wayocasha eDubai ngenxa yokuthi ubengamazi umuntu obezama ukumbulala.
Uze wabuya eDubai ngo-Ephreli nonyaka, emva kokubanjwa komunye wabasolwa.
Muva nje, kuvela ukuthi akayedwa osolwa ngaleli cala kwababoshiwe futhi kuthiwa bayizinkabi ezazithengiwe.
“Inkinga enkulu njengamanje kuyavela ukuthi abantu abangidubula babethengiwe kodwa abakamvezi owayebathumile. Lokhu kwenza ngingakhululeki ngoba kungenzeka ukuthi kube wumuntu engihlangana naye njalo. Uma ngibonakala yonke indawo kuzoba lula ukuthi aphinde enze eminye imizamo yokuthi ngibulawe. Manje sengikhethe ukuthi ngingatholakali noma yikuphi. Namabhizinisi engiwenzayo akuwona angiveza emphakathini ngoba angifuni ukuthi ngitholakale kalula kuze kuba kuphela icala,” kusho uTebogo.
Uthe okwamanje akakaveli enkantolo ukuyofakaza kodwa uyaxhumana nomphenyi wecala, athi uthe uzomazisa uma esedingeka.
Lo mlingisi wadutshulwa ehamba ngemoto ekhokhelwa ngebanga kwalimala ayehamba naye, yena wathola imihuzukwana.
Okunye okuke kwavela ngaye lo mlingisi muva nje, ukuthi uke wazama ukuvula indawo yobumnandi yabadansa benqunu eSandton, eGoli, kodwa yabuye yavalwa kusalungiselelwa ukuthi ivulwe.
“Engikubonayo nje ukuthi kukhona abazama ukugudluza imiqondo yabantu kuleli cala lokudutshulwa kwami ukuze bakhohlwe yilona. Kumina into ebalulekile njengamanje ukubona isiphetho secala bese ngikwazi ukuqhubeka nempilo ngokukhululeka. Ayikho indawo yobumnandi engiyivulile mina kodwa ngike ngiqashwe ezindaweni zobumnandi ukuhlela imicimbi,” kusho uTebogo.
Echaza uthe ukuba nendawo yobumnandi kudinga umsebenzi omningi njengoba kumele kubekhona ngisho nemvume yokudayisa utshwala okuyinto engatholakali kalula.
“Ngeke kuthi kunzima ngisho kwabesilisa ukuqhuba ibhizinisi elidayisa utshwala bese nami ngizifaka kulobo bunzima,” usho kanje.
Umphenyi wecala ocele ukungadululwa kwazise akavumelekile ukuphawula kwabezindaba, uqinisekisile ukuthi icala lisenkantolo. Leli phephandaba litholile ukuthi icala kumanje lisesigabeni sokuthi liqale ukuqulwa.