KULINDELEKE izinguquko emdlalweni wamahlaya oshaya ibuya ngemuva kweminyaka elishumi wagcina ukubonakala, iKwaito Church Service.
Lo mdlalo uzakhele igama kubantu abaningi ubonakala ezinkundleni zokuxhumana, nobekugqame kuwo osomahlala okukhona kubo uSthe Khumalo noPastor Mjosty.
USiphokazi Mbhele osethimbeni elihlanganisa lo mdlalo, uveze ukuthi bajabule ngendlela lo mdlalo ozokhombisa ukukhula ngayo njengoba beqopha isizini yawo yesihlanu.
“Okokuqala nje esingakusho ukuthi, sibheke ukuthi umdlalo uma usuphelile ukhonjiswe eziteshini ezinkulu zakuleli, kungafani nasekuqaleni la bewusabalala ezinkundleni zokuxhumana. Okunye ngawo ukuthi sifuna ubuso babantu abahlukene esesingabaqinisekisa nje manje abaculi okukhona kubo uL’vovo noZakwe, abanye sisakhuluma izindaba zezinkontileka nabo,” kusho uSiphokazi.
Uthe okunye abazokwenza ukubamba inhlolokhono koMasipala abahlukene, abafuna ukusiza intsha yakhona efuna ukungena kulo mkhakha.
“La eThekwini inhlolokhono izoba ngenyanga ezayo eBat Centre. OMasipala abafuna ukuthi sifike sizokwenza inhlolokhono ukuze kusizakale intsha yakhona, siyabanxusa nabo ukuthi baxhumane nathi, njengoba sifuna ukuthi sisize la esingakwazi ukusiza khona,” kuchaza yena.
Uthe kuleminyaka eyishumi lo mdlalo ungekho, abantu bese bebakhalele kakhulu, ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana.
“USthe noMjosty bayabuya nabo, okuyinto ejabulisayo. Ekuhambeni kwesikhathi solokhu simemezela izinhlelo ezehlukene zalo mdlalo. Kodwa sonke sijabule ukuthi uyabuya futhi okwabonakala kudala kuzobonakala, okunye ngeke kusaba khona,” kuchaza yena.
USiphokazi ukugcizelele ukuthi intsha iphume ngobuningi bayo njengoba enye injongo yabo ukuthuthukisa amakhono entsha yasemakhaya.