UKUPHUSHWA yilukuluku lokushisekela ukuchuma emculweni kwamshiyisa phansi ikhaya, wahlala iminyaka eThekwini ehamba eculela abantu emigwaqeni.
Wagcina efudukela eGoli enza into efanayo, nakhona waba yihlaya kwabanye ababengenandaba nakwenzayo.
Yonke leyo minyaka yobunzima isiwumlando kumculi we-Afro jazz, uPhila Dlozi, osevuna izithelo zokusebenza kanzima ngomculo wakhe, waphenduka inyama nasenqwabeni yamaciko alobizela ukusebenza naye.
UPhila (24), ogama lakhe lokuzalwa nguSiyabonga Mfekayi, ungowaKwaSokhulu, eRichards Bay, kodwa usezinze eGoli. Leli ciko lithi alizisoli nakancane ngokushiya unina nomndeni walo ukuyolandela ubizo lokwelapha abantu ngomculo.
“Angazi ukuthi yini le eyayingiphusha kangaka ngize ngiyohlala emgwaqeni ngenxa yomculo kodwa ngiyayibonga ngoba yenza umculo wami wafinyelela ezindlebeni zabantu abafanele,” kuchaza uPhila.
Lo mculi ukhuluma kanjena nje, ususela kwi-video yakhe eyasabalala ezinkundleni zokuxhumana ngo2021, okuyiyo eyagcina imxhumanise noDJ Maphorisa, owayemfuna uthuli ebabaza ikhono lakhe lokucula.
“Ukuhlangana naye kwayishintsha kakhulu impilo yami, kwanginika namathuba amaningi engangingakaze ngicabange ukuthi ngingawathola njengoba kumanje sengisayine ngaphansi kweSony Music.
“Ngaphezu kwalokho, ngiqophe umculo omningi - omunye wawo engizowukhipha kwialbhamu yami ye-Afro jazzengiyenze noMaphorisa kulo nyaka,” kuchaza uPhila one-EP ethi Ekhaya Komama, ayikhiphe nyakenye.
UPhila osebenze isikhathi eside nembongi uZamoh Cofi, uveze nokuthi kuwo lo nyaka uzokhipha iqophamlando lohambo lwakhe emculweni, elizokhonjiswa esiteshini sethelevishini angasidalulanga.