ABATHANDI bomculo wokholo kulindeleke ukuthi babheme bakholwe njengoba bezobe bejatshuliswa wumculi waphesheya, eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo, womhla ka-23 Septhemba 2023.
Umhleli womcimbi, uButi Mthembu ukuqinisekisile ukufika kukaTasha Cobbs Leonard kuleli.
“Ngithi abantu abaphume ngobuningi beze eMabhina Stadium. Kuzobe kumnandi kakhulu, uma ungumlandeli womculo wokholo noma uthanda umculo omnandi, phuthuma uzitholele ithikithi ngoba azophela,” kusho uButi.
Lesi sihlabani saphesheya sizobe singahambi sodwa kodwa sizophelezelwa ngabaculi bakuleli uDumi Mkokstad noThinah Zungu.
UButi weTRT Media Production, ubuye waveza ukuthi bakuthokozela kakhulu ukuletha lo mculi onedumela eNingizimu Afrika, ikakhulu eThekwini, njengoba laziwa ngokuthi liyazifela ngomculo wokholo.
“Yize leli khonsathi liseThekwini kodwa silindele abantu abaluqhamukisa kulo lonke, kwazise siyazi ukuthi uTasha Cobbs uthandwa yonke iNingizimu Afrika,”’kusho uButi ongeze ngokuthi uTasha useke wawina namaGrammy Awards.
Uveze ukuthi uTasha uthe ukujabulele kakhulu ukuza kuleli. Uthe ufuna abantu bahlezi belikhumbula ikhonsathi lakhe, lingaphumi ezingqondweni zabo, ikakhulu uma kukhulunywa ngomculo wokholo.
Lo mculi ozakhele udumo ngezingoma iGrace, Heart Passion Pursuit, Break Every Chain uthe yena uselinde ukuhlangana nabalandeli bakhe eMabhisa ngoMgqibelo. Ucele kuthi baphume ngobuningi babo.