INTOKAZI yaseMlaza kwa-AA, uSena Mkhwanazi, ithe yize kube buhlungu ukuphuma ohlelweni lomculo ama-Idols SA, kodwa iyakholelwa ekutheni isibindi sayo sokungenela uhlelo olukhulu njengalolu siyoyibeka kude ngelinye ilanga.
USena ubekhuluma neSolezwe ngemuva kokuphuma kulolu hlelo, ngoMgqibelo nosekusele kulo abayisikhombisa kuphela.
Le ntokazi ibikwabamele isifundazwe iKwaZulu-Natal, kanye nozakwabo uNkosi.
Amathemba alesi sifundazwe aselele kuNkosi, owahlabe umxhwele amajaji kuleli sonto ecula ingoma ka-Usher ethi Good Kisser.
USena uthe okwamanje yize engakazi ukuthi yini azoyenza, njengoba esanda kuphuma ohlelweni kodwa akangabazi ukuthi umculo yinto azoqhubeka nayo.
“Ukuya kwami kulolu hlelo bengifuna ukuzithwesa umthwalo ngento engingayijwayele ukuze ngibone ukuthi ngizohamba ibanga elingakanani. Ngiyaziqhenya kakhulu ngesinqumo engisithathile esingibeke lapho ngikhona manje. Kuningi engikufunde kulolu hlelo futhi umculo yinto engiyithanda kakhulu engingaboni ngiyiyeka okwamanje ngizoqhubeka nawo kuze kufezeke amaphupho ami ngawo,” kusho uSena.
Uthe yize ebefuna ukuphuma esigabeni sokugcina sohlelo kodwa osekwenzekile ngeke esakushintsha manje.
“Uma ungenele uhlelo olufana nalolu kuningi kakhulu okufundayo, nami kuningi engihambe nakho ohlelweni engingangabazi ukuthi ngizokusebenzisa kuwona lo mkhakha engikuwo. Uyazi isonto ngalinye uma silungiselela ingoma esizoyenza, bekuqhamuka into entsha futhi sikhuthazwa ukuthi sizinikele ngakho konke entweni esiyenzayo, lokho nje kungifundise ukuthi ithuba ngalinye engilitholayo angizinikele ngakho konke,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi njengoba ephumile uzosebenza kanzima anxenxe abantu ukuthi bavotele uNkosi, ukuze kube nguye omuka nesicoco salo nyaka, sokugcina salolu hlelo.
Kwabasele manje kubalwa u-Envic, Faith, Niikiey, Nkosi, Princess, Thabo noThando.