INDLOVUKAZI yomculo wokholo, uRebecca Malope, ikhala ngokungavumi kwamadolo uma ifake izicathulo eziphakeme njengembangela yokuwa icula emngcwabeni kaZanele Mbokazi eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini, ngoMgqibelo.
URebecca uphinde wawa nangesikhathi esethi uyaphuma ngalapho obekuhleli khona amaciko.
Ekhuluma naleli phephandaba efa yinsini, uthe ubazi ukuthi uthatha amashansi ngokufaka ama-heel ngoba amadolo awasavumi.
"Amadolo awasaqinile njengasekuqaleni. Bengithandaza nje ukuthi ngingawi ngoba ibingeke ibukeke kahle ingubo ebengiyifakile ngaphandle kwawo. Ukube ngifake amateki noma izingxabulela bekungeke kubukeke kahle impela," kusho uRebecca ehleka.
Uthe akalimalanga kakhulu ngaphandle kwedolo elivuvukele.
"Liluhlaza kuyimanje idolo kodwa lizophola. Ngeke ngisawagqoka ama-heel. Kusuka manje nizongibona ngifake amateki. Inkinga yami wukuthi ngiyazithanda izinto ezinhle. Naleya ngubo ngizithungele futhi ibifuna wona ama-heel," kuchaza yena.
Lo mculi, oneminyaka eyibambile emkhakheni wezikaqedisizungu, wafaka i-video ku-Instagram ngasekuqaleni konyaka ekhuthaza abantu ukuthi besebenzise amakhono abanawo njengoba yena enza wafunda ukuthunga.
Uthe usaqhubeka nokufunda ukuthunga.
"Okwamanje ngithatha izinto kancane, ngiya kocula lapho engibizwe khona kuphela. Uyazizwa emzimbeni uma usukhula ukuthi asikho isidingo sokulokhu uphoqa izinto. Manje ngiyaphuma ngiyocula ngibuye ngizithungele ngichithe isikhathi nabazukulu," kuphetha uRebecca.