Bacelele imikhuleko umfundisi odume umhlaba wonke uMbhishobhi TD Jakes obonakale esiteji eshumayela kungathi uyaquleka ngeSonto.
U-TD Jakes wase-United States of America, ophinde athule izinkulumo ezakhayo, ubeshumayela ehleli phansi ngesikhathi kuba ngathi uyaquleka.
Ubonakale kungathi uyadlikiza ngaphambi kokuthi kube khona abasondela kuye bezombamba.
Esitatimendeni ibandla aliholayo iPotter’s House of Dallas likuqinisekisile ukuthi uTD Jakes uke wangaphatheka kahle ngemuva kokushumayela ihora.
Sithe ukahle futhi unakekelwa ngabezimo zempilo.
Pray for Bishop TD Jakes as he suffered a “medical emergency” during the service this Sunday. pic.twitter.com/UBKln2sepo
— Virgil L. Walker (@VirgilWalkerOMA) November 25, 2024
U-Our Fav Online Doc ubhale ku-X ukuthi ubukeke ngathi ushawa yisifo sohlangothi.
“Ngiyathemba ukuthi uyaphila futhi ngiyathemba ukuthi bamuse ngqo esibhedlela. Ngoba uma bekuyisifo sohlangothi, wonke umzuzu ochithwayo ungaba wumehluko phakathi kokufa nokuphila,” kubhala yena.
UGernee uthe ubekhona enkonzweni futhi useluleme. Uthe ubeshiselwa ngesikhathi eshumayela.
U-TNR_Miami uthe uyamkhulekela engathi uNkulunkulu engamqinisa.
Ngesikhathi abanye bethi bamakhulekela, uChristahjay uthe uyazama ukumdabukela kodwa umoya wakhe uyala.