SEKUVELE okusha ngomdwebo weciko elihlala lisematheni ezinkundleni zokuxhumana ngokudweba osaziwayo nosopolitiki.
URasta kusabalale isithombe sakhe ephethe umdwebo owenziwe ngaye nokususe umsindo abantu bekhala ngokuthi uma ezidweba yena uzikhipha njengoba enjalo. Abantu abaningi bebesola uRasta ngokungabenzi ubulungiswa kosaziwayo bakuleli.
URasta namhlanje usevuke wamemezela ukuthi lo mdwebo wakhe wenziwe ngelinye iciko, uThatayaone Ramolapong. Lo mdwebo uRasta uthe bekuyisipho njengoba ebegubha inyanga azalwa ngayo ehambela nezindawo ezahlukune.
Yize kunjalo abantu basaqhubeka nokukhononda bethi noma lo mdwebo umuhle kodwa awumfanele uRasta ngoba unendlela adweba ngayo abanye abantu, okumele naye adwetshwe ngayo.
"Ngicela umdwebe naye kukhona into engifuna ukuyibona," kusho uMJ Pilane
"Bengazi akukwazi ukuthi yisandla sikaRasta lesi," kusho uBongani Mthembu.
"Udwetshwa kanje umuntu, awumcele akufundise," kusho uWandile Method.
"Ngazile lo mdwebo muhle kakhulu ukuthi kungaba umsebenzi kaRasta," kusho uTrinahr.
"Wena Rasta cela bakuphe amasu okwenza kahle," kusho uMphotleng Mahao.
Khonamanjalo kukhalwa ngalo mdwebo nje bekuke kwakhalwa nangoweSilo uMisuzulu kaZwelithini awukhiphe ngempelasonto.