UFISA ukuthi kushintshe impilo yakhe neyalapho azalwa khona uSabelo Nala (24), odume ngelikaLimit emculweni kamaskandi.
Le nsizwa yaseNkandla, esigodini saKwaNxamalala, ingomunye womaskanda abafike kwezwakala kulo mculo.
NgoLwesihlanu olwedlule, ukhiphe i-albhamu yakhe yesithathu ethi No Chance.
Izingoma zakhe okukhona kuzo ethi 10111 yizona ezimenzele igama endimeni yomculo.
Ekhuluma neSolezwe, uthe uthando lomculo kuye lwaqala esakhula emakhaya nokwathi esekhulile waqala wasebenza nabaculi baseNkandla okukhona kubo uSbusiso Shezi.
“Njengeningi labaculi ngangena ngicula njengomsizi, kodwa ekuhambeni kwesikhathi ngabona ukuthi kumele ngizenzele owami umsebenzi, ngaqala ukukhipha izingoma. Eyokuqala ngethi Sodibana Emlanjeni, engayiqopha kwesinye i-studiyo esincane eNkandla edolobheni.
“Ngemuva kwalokho, ngakhipha enye ethi Myekeni Ahambe nokuyiyona eyenza abantu banginaka futhi kwaba khona abantu abafuna ukusebenza nami nabanye abaculi okukhona kubo uNtencane, Njoko, Mzukulu nabanye, saqala ukwazana sasebenzisana,” kusho uLimit.
Uthe ukukhipha i-albhamu ephelele uqale ngo-2021 ngethi Dankie San, walandela ngethi Mathematics ngo-2022.
“Ingoma ethi 10111, iyona eyenza kahle kakhulu njengoba yafika ku-1 million ngendlela abantu abayijabulela ngayo. Ngawujabulela umsebenzi wayo njengoba izinkundla zokuxhumana ezifana noTik Tok nazo zenza omkhulu umsebenzi ekutheni singamaciko sikwazi ukukhula ngoba izingoma zethu abantu bazijabulela ngenzindlela ezihlukene, hhayi nje ngomsakazo nethelevishini kuphela,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi izingoma zakhe zigxile kakhulu kwezothando nasezintweni ayezibona bekhula ebunsizweni.
“Ngiyakholelwa ekutheni izingoma zethu kumanje kumele zigxile entweni eyenzakalayo ngaleso sikhathi, intsha yamanje okuyiyona esiyenzela lo mculo ifuna sicule ngento eyibonayo kodwa futhi singakhohlwa umlando wala sisuka khona,” kuchaza yena.
Kule albhamu entsha uthe ingoma ethi Mawalawala nethi Fusegi Ngempela Manje yizona ezenza kahle.