UMDLALI wasesiswini kwiKruger United, uNkosinathi Ononogbu, usha amashushu ngokunqoba iBaroka FC eyiqembu lakhe elidala abazobhekana nayo emdlalweni weMotsepe Foundation Championship, eBaroka FC Village, eLebowakgomo, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
U-Ononogbu (26) ungomunye wabadlali abamqoka kuleli qembu laseMpumalanga elingomakoti kwiMotsepe Championship kulandela ukukhushulelwa kulesi sigaba ngokuphumelela kumaPlay-Offs kazwelonke eSafa ABC Motsepe League ngesizini edlule, neHighbury FC yase-Eastern Cape.
Uyobhekana neqembu lakhe elidala iBaroka elamxosha ngoDisemba 2022 ngemuva kokudlala esitekini sebhola iPhilly’s Games, eTembisa, e-East Rand, ngaphandle kwemvume.
“Umdlalo omkhulu kodwa ofanayo neminye imidlalo esisazoyidlala nesesiyidlalile. Kodwa-ke uma uyobhekana neqembu lakho elidala, uyaye ungafisi ukuhlulwa uma ubhekene nalo. Kusikhuthaze kakhulu ukunqoba kwethu emdlalweni wangesonto eledlule (kwiPretoria Callies).
“Ngokwami ngikholwa ukuthi sisengenza kangcono kunangesonto eledlule, ikakhulukazi mina siqu sami, ngifuna ukuqhubeka nokushaya amagoli,” kusho u-Ononogbu, ojoyine iKruger kule sizini esuka kwi-JDR Stars.
“Ngikhuthazeke kakhulu njengoba bengivele ngikhuthazekile ekwenzeni kahle nakweminye imidlalo, kodwa lona ngumdlalo ohlukile okungumdlalo engifuna ukubakhombisa kuwona (abeBaroka) ukuthi balahla umdlali lapha kimi. Sidinga amaphuzu amathathu kulo mdlalo, akukho okunye.”
U-Ononogbu uyise okungawaseNigeria, unina okungowaseNingizimu Afrika, ushaye igoli lakhe lokuqala kule sizini ezakhe ziguqisa iCallies ngo 1-0 ngoMgqibelo odlule.
Uqale ukudlala ibhola elikhokhelayo kwiMarumo Gallants kwiMotsepe Championship ngesizini ka-2018/19. Udlale nakwiBlack Leopards ngesizini ka-2020/21 isayibamba kwiPremiership.
Khonamanjalo, iKruger isimemezele ukusayina kwayo uGeorge Maluleka. UMaluleka wazakhela igama emaqenjini okubalwa kuwo iKaizer Chiefs, Supersport United naMaZulu FC, agcine ukubonakala kuwona ngesizini edlule ngaphambi kokudedelwa ngemuva kokuphela kwesizini.
Imidlalo yeMotsepe Foundation Championship:
Kusasa - Ngo-7.30pm: Durban City v Highbury (Chatsworth Stadium); Cape Town Spurs v Hungry Lions (inkundla ayikaqinisekiswa);
NgoMgqibelo - Ngo-3pm: JDR Stars v Casric Stars (Giant Stadium); Baroka FC v Kruger United (Baroka FC Village); Upington City v Pretoria University (Mxolisi Dicky Jacobs); Venda FC v Leruma United (Thohoyandou Stadium)
NgeSonto - Ngo-3pm: Orbit College v Black Leopards (Olympia Park); Pretoria Callies v Milford FC (TUT Stadium)