NGEKE esabonalala emidlalweni yeRugby Championship, umdlali wamaBhokobhoko, uSacha Feinberg- Mngomezulu ngenxa yokulimala.
Lezi zindaba ziqinisekiswe umqeqeshi weqembu lesizwe, uRassie Erasmus, ememezela iqembu elizodlala ne-Argentina ngempelasonto.
UFeinberg-Mngomezulu ubeyingxenye yabadlali abasale kuleli ngesikhathi kuhamba iqembu elizobhekana ne-Argentina ngoMgqibelo.
Laba badlali kubhekwe ukuthi bahlangane neqembu uma selibuyele kuleli ukuzolungiselela umdlalo wokugcina nePumas kodwa uFeinberg-Mngomezulu ngeke esakwenza lokho ngenxa yokulimala edolweni.
“USacha uyoze abuye emidlalweni yokusonga unyaka (ngoNovemba) njengoba elimele edolweni. Wathinteka ngaphambi komdlalo wokuqala neNew Zealand kodwa wakwazi ukudlala. Ngambuza ngesonto elilandelayo ukuthi kungani exhuga, wathi walimala ngesonto elandulela umdlalo,” kusho u-Erasmus.
“Sidinga ukuthi abadlali baqonde ukuthi kumele baphumele obala uma belimele. USacha unenhlanhla ngoba siyinqobe yomibili leyo midlalo. Angazi kahle ukuthi yini engalungile ngedolo lakhe kodwa uhlinziwe. Uzobe eseluleme emasontweni amane kuya kwayisithupha.”
Khonamanjalo: U-Erasmus wenze izinguquko ezingu-10 eqenjini elizodlala ne-Argentina eSantiago del Estero ngo-11 ebusuku.
USalmaan Moerat uzohola leli qembu okumele liqinisekise ukuthi indebe ibuyela kuleli uma ligwema ukuhlulwa yiPumas.
Bahlanu abadlali abaqale ngesikhathi amaBhokobhoko edudulana ne-All Blacks abazophinde baqale ngoMgqibelo. Labo ngo-Ox Nche, Ruan Nortje, Jasper Wiese, Handre Pollard noJesse Kriel (phakathi).
U-Eben Etzebeth, ozoqala ebhentshini, uzofica irekhodi eliphethwe nguVictor Matfield lokudlala imidlalo eminingi kumaBhokobhoko njengona ezohlanganisa engu-127.
Khonamanjalo:n AmaBhokobhoko esifazane azodlala neSpain emdlalweni wokulungiselela umqhudelwano iWX2 eDHL Stadium namuhla ngo-5 ntambama.
AmaBhokobhoko esifazane azongena enkundleni ezethemba kulandela ukunqoba iBarbarians ngo 59-17 enkundleni efanayo ngempelasonto edlule.
Iqembu lamaBhokobhoko elizobhekana ne-Argentina:
Abazoqala: 15 Aphelele Fassi, 14 Kurt-Lee Arendse, 13 Jesse Kriel, 12 Lukhanyo Am, 11 Makazole Mapimpi, 10 Handre Pollard, 9 Cobus Reinach, 8 Jasper Wiese, 7 Ben-Jason Dixon, 6 Marco van Staden, 5 Ruan Nortje, 4 Salmaan Moerat (ukaputeni), 3 Thomas du Toit, 2 Malcolm Marx, 1 Ox Nche.
Abasebhentshini: 16 Jan-Hendrik Wessels, 17 Gerhard Steenekamp, 18 Vincent Koch, 19 Eben Etzebeth, 20 Elrigh Louw, 21 Kwagga Smith, 22 Jaden Hendrikse, 23 Manie Libbok.