UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, uxwayisa izakhamuzi ngesimo sezulu esibi okulindeleke ukuthi siphazamise izingxenye ezinkulu zesifundazwe kusukela ngoLwesihlanu, Septhemba 20, kuze kube uMgqibelo.
Isexwayiso sakamuva esikhishwe ngabakwa-South African Weather Service (SAWS) sikhomba ukuthi kulindeleke likhithike ngokuka-Level 6 ezingxenyeni zezifunda uThukela, Harry Gwala naseMgungundlovu. Lezi zimo zezulu ziyingozi empilweni futhi zingaholela ekuvalweni kwemigwaqo okwesikhashana ngenxa yokunqwabelana kweqhwa, okubangele ukuphazamiseka kwezimoto emizileni emikhulu.
Izakhamuzi zakulezi zindawo ziyanxuswa ukuthi zithathe izinyathelo zokuphepha ezifanele, okuhlanganisa nokubambezela uhambo olungadingekile, ukugwema ingozi yokuvaleleka ngenxa yemigwaqo eneqhwa.
Isexwayiso sesithwathwa ngokuka-Level 2 sikhishwe ezingxenyeni zesifunda Ugu, uThukela, Mgungundlovu, Harry Gwala naseMajuba. Kwezinye izindawo kuxwayiswa ngemvula enamandla.
UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana uqinisekisa izakhamuzi ukuthi amathimba alawula izinhlekelele, adidiyelwe yiSikhungo SokuLawulwa kweziNhlekelele sesiFundazwe, akhona futhi azoqapha ngeso lokhozi intuthuko. Lawa mathimba ahlonyiselwe ukubhekana nezimo eziphuthumayo futhi anikeze usizo lapho kudingeka khona.