INYUNYANA yabasebenzi bakahulumeni, iPublic Servants Association (PSA), ithi kufanele baziphendulele abaphazamise izinsiza ze-Unemployment Insurance Fund (UIF).
UMnuz Reuben Maleka wePSA uthe bayajabula ukuthi usemisiwe uKhomishana we-UIF uMnuz Teboho Maruping ngethenda kaR5 billion eyanikwa iThuja Holdings.
Uthe ngisho nenkinga yokuphazamiseka kwezinsiza ze-UIF online ziphazamiseke uMaruping ebuka.
Izinsiza ze-UIF ziye zaphazamiseka emuva kokuthi inkampani ebhekelele ukuzamukela kuma-khompyutha nakumaselula iye yaya enkantolo emuva kokuthi inkontileka yayo ingavuselelwanga.
“Siyajabula ukuthi uMaruping umisiwe ngoba kufanele achaze ukuthi uthinteka kanjani kwithenda kaR5 billion eyanikwa iThuja Holdings. I-UIF iphatha izizumbulu ezisiza abantu abaphelelwe wumsebenzi, abakhulelwe nabanye abasuke benezinkinga emsebenzini ngakho kufanele iphathwe kahle. UMaruping kufanele enze umsebenzi wakhe angasebenzisani nezinkampani ezifuna ukweba imali yabantu bakuleli abasuke bethwele kanzima,” kusho uMaleka.
Ugqugquzele abantu ukuba babike izigameko zenkohlakalo ukuze izikhungo zikahulumeni zizohlale zisebenza kahle.
Khonamanjalo i-UIF imemezele ukuthi izokwengeza amahora okusebenza okubala ukuthi abantu bazosizwa nangoMgqibelo.
Amahora okusebenza azoqala ngo-7.20 ekuseni kuvalwe ngo-4 ntambama.
Njengoba izinsiza zingatholakali online abantu basizwa emahhovisi oMnyango wezabaSebenzi ezweni jikelele. Ngesonto eledlule bangaphezu kuka-181 000 abantu abasizwe yi-UIF ezweni jikelele abathole imali ewu-R419 607 185.
Akusiwo wonke amahhovisi azovulwa ngoMgqibelo njengoba KwaZulu-Natal kuzovulwa ihhovisi eliseMgungundlovu neliseRichards Bay, amanye azosebenza izinsuku ezijwayelekile.