UPenny Ntuli usekuqinisekisile ukuthi uyashiya kwiGagasi FM njengoba kulindeleke ukuthi kuqale izinkontileka ezintsha ngo-Ephreli.
Ngesonto eledlule leli phephandaba libike ukuthi kuhlukana inhloko nesixhanti phakathi kwalo msakazi neGagasi nokususe ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana abanye belisola ngokusenga ezimithiyo.
Leli phephandaba libike ukuthi ukungavumelani ngenkontileka entsha yikho okuqede ubudlelwane.
NgoMsombuluko emini lo msakazi ubhale ekhasini lakhe likaFacebook ukuthi uyashiya.
“Bese kuyisikhathi sokuvuselelwa kwezinkontileka futhi nami nganikwa ithuba lokuthi ngibuye. Ngivumile ngaphambi kokutshelwa ukuthi ngizohola uR2 800 ngenyanga. Yinto engahlukile kakhulu kunebengikuhola eminyakeni emibili edlule,” kusho uPenny.
Uthe uzizwe edelelekile kodwa wabuye wayocela abaphathi ukuthi bayibuyekeze imali abathi bazomholela yona ngoba ngeke akwazi ukwenza lutho ngayo.
“Impilo izoma uma ngiveza i-payslip yami. Ngibuze ukuthi ngizowondla kanjani umndeni wami ngale mali ngoba bonke babheke mina? Bona bangaphila ngale mali? Bengingalwi.”
Uthe ube esethatha isinqumo sokuthi bangayivuseleli inkontileka yakhe.
“Angiyekanga ngoba kukhona okungcono esengikutholile. Angiyekanga ngoba ngingasathandi. Umuntu owazi mina uyazi ukuthi ngikuthanda kangakanani ukusakaza nokuthi ngilithanda kangakanani iGagasi FM kodwa kuyiqiniso, angibuyi kulo nyaka. Yize kunjalo ngiyabonga kakhulu kwiGagasi FM ngethuba.”
Imizamo yokuthola ukuphawula kokhulumela iGagasi, uKhulekani Shandu ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.