AZOSINA adedelane amaciko emicimbini ehlukene ehlelwa iWushwini Pan African Centre, KwaNgcolosi ngamaholidi okuphela konyaka.
UJerry Pooe walesi sikhungo samaciko, uthe ukholwa ukuthi uhlu lwemicimbi abayihlelayo luzobathokozisa kakhulu abathandi bobumnandi njengoba kube nesikhathi eside bevalelekile ngenxa yeCovid-19, eshintshe isimo kwezokungcebeleka nakwezobumnandi.
“Sithe njengeWushwini Pan African Centre asike sithathe leli thuba sijabulise abantu esikholwa ukuthi bese befile ukulangazelela imcimbi eThekwini. Kulo Disemba wonke sinohlu lwemicimbi ehlukene esihlose ngayo ukujabulisa abathandi bobumnandi,” kusho uJerry.
Phakathi kwale micimbi okulindeleke ukuthi iqale ngoDisemba 3 ize iphele ngomhla ka 18, ubale iKZN Meet Eastern Cape Maskandi Fever.
Omunye umcimbi ozoba ngoDisemba 10 okuzobe kunandisa kuwo uShiela The Blue Note bese kuphinde kuba nomdlalo weshashalazi kaJoy Mbewana.
Lo mdlalo obizwa ngokuthi Get in Tested kuhloswe ngawo ukuqwashisa abesifazane ngokuhlukunyezwa njengoba kuzobe kuwumkhankaso wezinsuku ezingu-16 zokuqwashisa ngokuhlukunyezwa kwezingane nabesifazane.
UDJ Merlon noMondli Ngcobo bazoba ngamanye amaciko azonandisa ngoDisemba 16.
NgoDisemba 17 kuzoba nomcimbi wamahlaya ozoshiya izisu zibuhlungu kubantu abazifela ngamahlaya.
Amathikithi okungena atholakala esangweni ngoR50 umuntu emunye.