INTANDOKAZI yomculi kamaskandi uSenzo “Ntencane” Zondi uyale abantu ngezidakamizwa ngesikhathi kunomkhankaso wokuqwashisa ngezidakamizwa obukwaNompondo kwaHlabisa.
Lo mculi ubekumaciko abehambele umkhankaso wokuqwashisa ngezidakamizwa, ukuhlukunyezwa kwabesifazane nokuqwashisa ngengculazi obuhlelwe yiBig 5 Hlabisa.
Uthe ngaphambi kokuba abantu bangene ezidakamizweni kumele baqale bacubungulisise ukuthi bangazimela yini uma sezibalawula.
“Akukho lapho izidakamizwa zisiza khona. Umuntu ofuna ukungena kuzo akazame ukuxhumana nabantu abazisebenzisayo bamchazele ukuthi zibasize ngani selokhu baziqala. Baqhathanise ukuthi yikuphi asebekuzuzile kanjalo nokubalahlekele selokhu baqala ukuzisebenzisa. Thina uma sithi abahambele kude nazo babona sengathi siyabalahlekisa,” kusho uNtencane.
Uthe zinomthelela ongemuhle emphakathini njengoba zigcina sezilawula abazisebenzisayo bagcine sebehlukumeza abesifazane nezingane.
“Ukuhlukunyezwa kwabesifazane ngabathandana nabo akukuhle. Kumqoka ukuthi siqhamuke nesisombululo uma kukhona ukungaboni ngasolinye phakathi kwalabo abayizithandani. Siyeke umkhuba wokulawulwa ukudinwa kodwa sibheke izindlela eziyisixazululo,” kuqhuba uNtencane.
Nakuba iStats SA siveze ukuthi izibalo zokuhlukunyezwa kwabesifazane kuleli zehle ngo-1,7% kuzona zonke izifundazwe eNingizimu Afrika onyakeni wezimali u-2023/24 kodwa baningi ababoshelwa izidakamizwa. IStats SA siveze ukuthi angu-162 100 amacala athinta izidakamizwa avulwe ngo-2022/23.