SEKUQUBUKE umsindo ngokuvela kwezindaba zokuthi umlingisi, u-Itumeleng Bokaba, ubophisa usaziwayo osebenze nabaculi abahlukene, uNota Baloyi, njengoba emsola ngokudlwengula.
Kuvela izindaba zokuthi lesi sigameko senzeke ngo-Agasti, nonyaka, la kuhlala khona uNota.
Izindaba zokuvulelwa icala kukaNota, zivezwe yintatheli ezimele uMusa Khawula ekhasini lakhe.
Ezitatimendeni ezikhishwe yilaba bobabili, baveze ukuthi bebengafisi le ndaba iphumele emphakathini njengoba bebeyilungisa ngendlela ethinta bona nabomthetho.
Esitatimendeni sakhe u-Itumeleng uthe, uphoxekile ngokwenziwe uMusa Khawula.
“Lolu udaba luphakathi kwami nomuntu othintekayo. Bengithi udaba oluzogcina phakathi kwethu kodwa ngizithola sekumele ngiphawule ngalo ngenxa yokuthi uMusa Khawula ulutholile wase eluveza emphakathini. Ngiyazi ukuthi kukhona abantintekile ngalolu daba, abanye bakhathazekile, kodwa ngicela ukubaqinisekisa ukuthi ngikahle emoyeni. Lesi sigameko senzeke muva nje, asihlangani nezindaba ebengisanda kuziveza zokuthi angitholanga mali ngengoma engayenza noKwesta ethi Mayibabo. Inkinga ukuthi konke sekuqhamuka kanye kanye,” kuchaza isitatimende.
Uthe akukho okunye azokuphawula ngalolu daba ukuya phambili njengoba ithemba lakhe eselibeke kwabomthetho.
UNota kwesakhe isitatimende, uvumile ukuthi baya ocansini nale ntokazi.
“Konke okwenzeke phakathi kwethu kwakuvunyelenwe, futhi izingxoxo ezithinta ukuthi siye ocansini zazisuswa uyena, hhayi imina. Nginabo ubufakazi bakho obubhalwe phansi,” kuchaza uNota.
Ezinkundleni zokuxhumana, abantu bahlukene phakathi ngalolu daba njengoba abanye bethi laba kunamagqubu aphakathi kwabo athinta ingoma eyenziwa phakathi kwabo, kanti abanye bayakukholelwa okushiwo ile ntokazi ngoNota.