UMCULI we-Afro Pop, uNomfundo Moh, uthi ukuqonda amandla awaphiwe wuNkulunkulu okuphilisa nokwelapha abantu ngomculo, ngesinye sezizathu ezenze wahlanganisa i-albhamu yakhe yesibili ethi Ugcobo.
UNomfundo Moh (22) waseNdwedwe, wodumo lwengoma iPhakade Lami ekwi-albhamu yakhe yokuqala ethi Amagama, uthe konke sekumi ngomumo ngalena yesibili ezoqala ukutholakala ezitolo zomculo ngo-Ephreli 21.
“Yingakho ngendlalele ngayo ngengoma ethi Amalobolo ephume ngoLwesihlanu engipike kuyo uBig Zulu, eveza okungalindelwa ngabantu kuyona uma isiphuma ngenyanga ezayo,” kuchaza uNomfundo Moh.
Enaba nge-albhamu yesibili, uthe usebenze namaciko amaningi kubalwa uBongane Sax, uBig Zulu, i-Afrotraction, wuSimmy, abaculi boMaskandi; uNtencane, uSiphesihle Zulu noJaiva Zimnike noNaxion Cross ongomunye wophrojusa bayo, asebenze naye kweyokuqala.
“Ngale albhamu ngizoveza ukuthi ugcobo engiluphiwe wuNkulunkulu lokwelapha abantu ngomculo lukhulu kangakanani, nokuthi sengikhule kangakanani ngokomculo selokhu ngazakhela indawo ekhethekile ezinhlizweni zabathandi bomculo wami,” kusho uNomfundo Moh.
Eqhuba, uthe uyakuqonda ukuthi amaciko amaningi eqisa noma wunyaka owodwa ngaphambi kokukhipha enye i-albhamu, kodwa wathi yena ubona kukuhle ukubusisa abantu ngomculo omningi uma isikhathi sisavuma.
“Lokho kuzongisiza ngokuthi uma sekushaya isikhathi lapho ngizizwa ngifuna ukuthatha ikhefu emculweni, kube wukuthi abalandeli bomculo wami banomculo owanele ukuwulalela uma ngingasakhiphi omusha,” kuphetha uNomfundo Moh onqobe indondo yeBest Afro Pop Album of the Year kumaSAMA nyakenye.