INTOKAZI yaKwaMhlabuyalingana eyomela iNingizimu Afrika kuMiss South Africa International ngoJulayi 18, kulo nyaka, uSiphilangomusa Msweli, usegxeke ukwanda kwesibalo samantombazane akhulelwa esemancane kuleli.
USiphilangomusa (21), owenza iziqu zeCommunity Development and Leadership e-University of Johannesburg, usho kanje emuva kokuvela kwezibalo ezishaqise umhlaba wonke.
Izibalo zakamuva zithi kukhulelwe amantombazane angu-26 515 ezinyangeni eziyisishiyagalombili KwaZulu-Natal. UMnyango wezeMpilo kulesi sifundazwe uthe phakathi kwala mantombazane, kunawu-1 250 aneminyaka ephakathi kuka-10 no-14 ubudala.
USiphilangomusa uthe njengoba eyomela iKwaZulu-Natal neNingizimu Afrika kulo mqhudelwano, inhlosongqangi ukukhuthaza intsha ikakhulukazi yasemakhaya, ukuba ibhukule.
Uthe azizinhle izibalo zokukhulelwa kwentsha ngoba kufanele igxile ekuzithuthukiseni ukuze ibe nekusasa eliqhakazile futhi isebenze ngokuzikhandla ukuze ifeze amaphupho ayo.
Uthe ngalolu hambo lwaphesheya uyifaka ugqozi nofuqufuqu ukuba yazi ukuthi amaphupho ayo engafezeka uma inempokophelo nogqozi ngekwenzayo.
"Ngizobe ngimele lawo mantombazane atshelwa ukuthi ngeke abeyilutho empilweni. Ngifuna abantu besifazane abasebasha bakholelwe kubo nasemaphusheni abo."
Uthe yena esakhula wayengenaye umuntu ayebukela kuye kodwa wayazi ukuthi uzoba yivulandlela. Uthe yisikhathi sokuba intsha iqede iziqalekiso zokuthi ayisoze yaba yilutho. Unxuse ukuba intsha ifundiswe ubuholi isakhula ukuze ibe ngabaholi abaqotho. USiphilangomusa unxenxe izinhlaka zikahulumeni nosomabhizinisi ukuba bamxhase kulolu hambo lwakhe ngoba ludinga imali eshisiwe.