Intokazi esencane yaseNanda eThekwini UNontokozo Mkhize (23) ithe ifuna ukwelapha abathandanayo ngengoma yayo entsha.
Lo mzwilili osezakhele ugazi kwabaningi, uthe ukusayinwa esitebeleni esiqopha abaculi abadumile kuleli Isiginci Media kuyisqalo sezinto ezinkulu ohlela ukuzenza emculweni, ezinye zazo othe ukuletha ithemba kwezothando.
Uthe ubona ukuthandana okuhle kungabuyisa ithemba ebantwini ngazo zonke izindlela ezintweni eziningi kusetshenziswa umculo.
Ukhiphe ingoma ethi Lu Strong - agqugquzela ngayo abathandanayo ukugwema ukungena kowesithathu othandweni lwabo, uthe izinselelo izithandani ezibhekana nazo othandweni zimenze wakhipha leli culo.
"Le ngoma ishaya ngesigqi esimnandi se-Afro Pop, iza nokuhlukile ngoba mina ngivame ukwenza i-Afro Soul neGospel. Kuyo ngisebenze noNomfundo Moh esiqopha naye ngaphansi kwenkampani eyodwa iSginci Media, noNaxion Cross oyiphrojusile.
“Le ngoma ixoxa indaba yabantu ababili abathandanayo, okuthi noma bebhekana nezinselelo ezahlukene othandweni lwabo - balekelelane ukuzinqoba zonke izinkinga ngoba uthando lwabo luqinile - singena kanjalo-ke isihloko sengoma,” kuchaza uNontokozo.
Iphimbo lakhe elimtoti lizwakala engomeni kaSjava ethi Thixo. Uthe ukukhipha kwakhe ezinye izingoma kuzoncika ekutheni abantu bayamukele kanjani le ngoma yakhe yokuqala ayenze esezimele.
“Ngoba ngisaqala kwezomculo, ithimba engisebenza nalo lisafuna ukubona ukuthi abantu bazongamukela kanjani, okuyikhona okuzosinika umhlahlandlela wokuthi ngizikhiphe nini ezinye izingoma, kodwa isifiso sami wukuthi kuphele lo nyaka sengikhiphe i-EP ukujabulisa abathandi bomculo wami,” kuphetha uNontokozo.