ABAZAKHELE udumo emdlalweni wethelevishini ongungqaphambili kuleli, uBaby Cele noGugu Gumede, bazobonakala efilimini ebhekwe ngamehlo abomvu kwiNetflix, esihloko sithi Umjolo: The Gone Girl.
UBaby ubelingisa indawo kaGabisile ekubeni uGugu ubenguMaMlambo kuZalo kodwa njengamanje uBaby unguSamkelisiwe kwiSibongile And The Dlaminis kanti uGugu unguConnie Zondo kwiSiphetho The Destiny.
Lo mdlalo, ozoqala ukukhonjiswa kwiNetflix ngoNovemba 8, ukhuluma ngoLethu (okuyindawo elingiswa wuSibongiseni Shezi), ongumhleli wemicimbi ophumelele kodwa onamashwa kwezothando.
Okwenza uLethu aphumelele kwezamabhizinisi ukuthi wesekwa kakhulu yizihlobo nabangani.
Yize kunjalo akaphelelwa yithemba uLethu, yingakho egcina elutholile ubambo lwakhe, uLucky (okuyindawo elingiswa uTyson Mathonsi), oyindoda enothando, omesekayo, ohehayo nonesikhathi somuntu athandana naye. Igcagcela esokeni ngempela kuLethu uma ethenjiswa umshado yile ncwasimende yombhemu.
Njengoba sisho isiZulu ukuthi 'alikho isoka elingenasici', kubanjalo nakuLucky. Impilo kaLethu iba mapeketwane ngesikhathi eseguliswa yisifo socansi, okuyiso esimbula uLucky izinqe ukuthi uyisoka lamanyala.
Ubumnandi empilweni kaLethu bushabalalisa okwamazolo ebona ilanga.
Yilapho abangani beqiniso, okungo-Amanda (Thobeka Shezi), Zanele (Sibusisiwe Jili) noThoko (Londeka Sishi), beba yinsika uLethu ancika kuyo.
Le filimu izobuye ikuthathe ikubeke ngobubi nobumnandi bomjolo, kanti ibophele nezinye izintandokazi zabalingisi bakuleli, okubalwa kuzo oMeshack Mavuso Magabane, Ntando Mncube, Sipho Alphi Mkhwanazi, Tina Redman nabanye.
Ngokwesitatimende sabakhiqizi balo mdlalo, iStained Glass, okuyinkampani esikhiqize imidlalo eminingi okubalwa kuyo nomdlalo wethelevishini oqengqeleza phambili kuleli, Uzalo.
"Umjolo uchungechunge oluhlukaniswe lwaba ngamafilimu amane futhi oludingida ngempilo yabantu besifazane abane abasuke bebhekene nezingqinambi othandweni, bezinikele othandweni nabafuna ukuzazi ukuthi bangobani ngempela. Inyanga nenyanga kuzovezwa ifilimu ngayinye enesahluko esihlukile kwezinye kusukela ngoNovemba kuze kushaye uFebhuwari ngonyaka ozayo," kuphetha isitatimende.