ISIFO sokwakheka koketshezi esikhwameni samankwahla asilona ilumbo, isifo esikhona esivamile kubantu besilisa asebekhulile.
Lokhu kushiwo uDkt Thulani Nkosi owungoti wezifo ezithinta umgudu womchamo kwabesilisa, i-Urologist esibhedlela iLennmed La Verna Private Hospital eseMnambithi, obehola ithimba lodokotela abahlinze uMnuz Ntando Mhlongo (30) waseNanda, obese kuphele iminyaka eyisithupha egqigqa ezikhungweni zezempilo engalutholi usizo.
UMhlongo ubengasasebenzi ngenxa yokuthi uketshezi oluhambisana nokusanyama namafutha belugcwala ngokushesha, engasakwazi ukuhamba kahle ngenxa yesigaxa ebesenza ukuthi abantu baphenduke naye uma bembona.
Ngemuva kokuphumela kwakhe obala ezinkundleni zokuxhumana nasemsakazweni Ukhozi FM ecela usizo kunoma ngubani ongamsiza, uDkt Nkosi ukhulume nabaphathi besibhedlela ukuze ahlinzwe mahhala.
Ukuhlinzwa kwakhe nokwelashwa athe kungabiza uR140 000 kuya ku-R180 000, kwenziwe ngoMsombuluko. Izolo bese elulama, uNkosi uthe ugculisekile ngesimo sakhe.
"UMhlongo une-hydrocelectomy isifo esikhona esilaphekayo, okungajwayelekile ngale kaMhlongo ukuthi ayijwayelekile kubantu abancane abangangaye. Akulona ilumbo ngoba lona leyamaniswa nobuthakathi kanti lesi isifo esaziwayo," kusho uNkosi.
Uthe uMhlongo usekhishiwe egumbini labanakekelwa ngokuthe xaxa, usesewodini elijwayelekile. Odokotela balindele ukuthi aphole ngokuphelele emasontweni amabili kuya kwamathathu. Njengamanje isilonda sakhe siyaphola, asophi okuyizinkomba zokuthi uyalulama.
UMhlongo, izolo ubengakakhulumi nezintatheli kodwa ngaphambi kokuthi ahlinzwe ubonge isibhedlela ngokumsiza ngokubuyisela impilo yakhe esimeni.
UDkt Nkosi, uthe lesi sifo singadalwa izinto eziningi okungaba isifo sofuba, izigaxa zomdlavuza, ukulimala esithweni sangasese, kwesinye isikhathi umsuka waso awaziwa.
"Uketshezi, okusanyama namafutha okukhishwe kuMhlongo kube ngu-20L. Ukumhlola kwethu kuveza ukuthi ngeke sisabuya. Sibuyisele inyama yesikhwama ebese sinwebekile, ubuntu bakhe busazosebenza kahle futhi usazokwazi ukuba nezingane (ukukhulelisa). Asilindele ukuthi aphinde ahlinzwe kodwa umbiko ophelele sizowukhipha ngemuva kwamasonto amathathu," kuqinisekisa uDkt Nkosi.