INDLOVUKAZI yomculo wegqom’, uBongekile “Babes Wodumo” Simelane isobishini njengoba igqigqa enkantolo emuva kokubekwa icala lokushaya umsiki wengqephu, uPhilly Mhlongo weSK Dee Designs.
Ngokuthola kweSolezwe, uBabes wabekwa icala wabe esebizelwa enkantolo ngoJuni 27 nango-Okthoba 8 kulo nyaka kodwa uBabes wangalubeka unyawo kwaze kwaba imantshi imkhiphela isexwayiso sokuba avele phambi kwayo.
Ngokusho komthombo olwazi ukusuka nokuhlala lolu daba, ummeli kaBabes unxuse uPhilly (34) ukuba lolu daba luxazululwe ngasese, okuyinto uPhilly athe akabanga nankinga nayo.
“Sibe sesivela enkantolo naye uBabes ngomhla ka-14 Okthoba. Ngaphambi kokuba sibizelwe phambi kwemantshi, ngitshelwe ukuthi uBabes uyenqaba ukuxolisa. Imantshi ibe seyihlela izinsuku zokuqulwa kwecala, okungumhla ka-14, 15 no-16 Januwari 2025,” kusho uPhilly.
Umthombo uthe uBabes ungaphandle ngesexwayiso ngenxa yokungafiki enkantolo izinsuku ezimbili.
Kuze kugqigqiswane ezinkantolo nje uPhilly wavulela uBabes icala lokushaya nelokumhlambalaza emuva kwezinsolo zokumhlasela lapho esebenzela khona kuWest Walk, eThekwini.
UPhilly noBabes babe sebebizelwa enkantolo esePoint ngoJulayi 11 nonyaka, ngenhloso yokuzwa ukuthi babangani.
UPhilly wathi okumenze wabopha uBabes yingoba efuna ukumnqanda ekukhulumeni ngaye ezinkundleni zokuxhumana nasemithonjeni yezindaba ngoba udicilela phansi isithunzi sebhizinisi lakhe.
Wathi indaba yasuka ngesikhathi uBabes nabadansi bakhe ababili, uyise nonogada begasela lapho uPhilly esebenzela khona ngoMashi 12.
"Wayefuna ukwazi ukuthi kungani ngibale igama lakhe embhalweni wami, okuyinto engingayiqondi njengoba ayelokhu ebiza abadansi njengabakhe."
Kwaze kwaba ne-vidiyo kaBabes noPhilly bebambana ngezandla kwaze kwaba ngamahlandla amabili.
"Bebengenabo ubungani ngoba bafika bewudlame, befikele ukuzokulwa ngoba bebefuna ukuba ngibavulele isango njengoba ihhovisi lami lihlale livaliwe. Wasuke wangishaya ebusweni okwenza ngavula isango.“
UPhilly waphika walala ngomhlane ukuthi wathuka uBabes noyise. "Konke akushoyo kungamanga. Lilodwa kuphela iqiniso alishoyo ukuthi wayenobani ngalolo suku."
UPhilly uthe ingxabano phakathi kwakhe noBabes yasuswa ngabadansi bakhe abafika kuye ngoFebhuwari 28 nonyaka, befuna izingubo ababezozigqoka engqungqutheleni yeNkatha.
“Babezifuna mahhala. Babengenayo imali, bashiya uR150 bebabili, okuyimali engenele. Isivumelwano sethu kwakuwukuthi bazozibuyisa ngakusasa kodwa abangazibuyisa."
UPhilly uthe abadansi basaqhubeka nokuzigqoka.
UBabes waphendula nge-vidiyo kwiFacebook, wavuma ukuthi bayile lapho kusebenzela khona uPhilly bezobuza ukuthi ungena kuphi yena uma exabene nabadansi bakhe kodwa uPhilly wamphendula ngenhlamba, embiza ngesife** somfelokazi maqede wathuka noyise. Wathi akasibonanga isidingo sokubopha uPhilly ngoba "akabalulekile ngaleyo ndlela".
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engakatholakali uBabes ukuba aziphendulele. Kodwa Isolezwe linazo izincwadi ezikhishwe yinkantolo eziqinisekisa ukuthi lo mculi uzobuyela enkantolo sekuyoqulwa icala ngoJanuwari.