INGWAZI yombhali wemidlalo yeshashalazi, uMbongeni Ngema, uphezu kohlelo lwethelevishini oluzohamba ezinyathelweni zama-Idols SA. UNgema wodumo lweSarafina ne-Asinamali uyehla uyenyuka iNingizimu Afrika ngenhloso yokuthungatha amaciko omculo wesintu azoqhudelana kwiMbongeni Ngema Zasuka Traditional Music Talent Search. Ekhuluma neSolezwe, uthe uzohambela zonke izifundazwe ngenhloso yokuvumbulula umculi ozohlomula ngesamba sikaR50 000, isivumelwano sokuqopha ngaphansi kweMbongeni Ngema Records futhi umculo wakhe usabalaliswe emhlabeni jikelele yiGallo Music. Uthe nakuba engakasihlonzi isiteshi sethelevishini azosebenzisana naso kodwa sikhona asenezingxoxo eseziya emaphethelweni.
"Ngizokwenza into efana ncamashi nama-Idols kodwa umehluko ukuthi thina sizobe sigxile emculweni wesintu. Ngikhuluma ngomculo onjengombhaqanga, umaskandi nesicathamiya." Uthe umculi ozolala isibili uzohlomula ngoR30 000 bese ophume isithathu athotshwe inhliziyo ngoR10 000. Uthe ukuthungathwa kwamaciko azobamba iqhaza kulo mqhudelwano kuzoqala eBat Centre, eThekwini namhlanje kuze kube uLwesihlanu ngo-9 ekuseni. Unxuse abaculi baphume ngobuningi babo. UNgema ngomunye wamaciko akuleli asemnkantshubomvu nadume umhlaba wonke. Amagalelo akhe ekuvumbululeni ikhono entsheni ayaziwa njengoba kunguye owahlonza ikhono likaLeleti Khumalo, Dumisani Dlamini (onguyise kaDoja Cat), Babe Cele, Somizi Mhlongo, Khanyo Maphumulo, Sindi Dlathu onguLindiwe kwiThe River, Mfiliseni Magubane, Mfana Jones, uThulani Didi onguSpinach nabanye. Useke wasebenza nabaculi abaningi abadume umhlaba wonke njengoTeddy Pendergrass engomeni ethi Power of One, Joseph Shabalala weLadysmith Black Mambazo, Hugh Masekela noMiriam Makeba. Emiqhudelwaneni yamazwe ngamazwe asebuya kuyo kubalwa amaGrammy Awards namaTony Awards.
Ngemininingwane ethe thuthu ngokufanele kwenziwe ngamaciko afuna ukubamba iqhaza, kunxuswe ukuba athinte lenamba:064 508 6296.