BASOLA ubuthi obuphoswe emanzini abesethangini lamanzi emvula kufa izelamani ezisencane ezimbili KwaNdelu, eMthwalume.
Kulesi sigameko kushone umfanyana, u-Ayanda Ndlovu (2), nomfowabo, u-Okuhle Ndlovu (6).
Ngokusho kwelungu lomndeni, uNksz Balungile Ndlovu, unina uNkk Sibongile Ndlovu (54), nomzukulu wakhe, ongumfowabo omdala wabafi, u-Emihle Ndlovu (11), basesimweni esibucayi esibhedlela.
Elandisa ngesehlo uNksz Ndlovu, uthe ukugula kuqale kudadewabo ongunina wabafi, uNksz Simangele Ndlovu, ngoMsombuluko.
“Ungishayele ucingo engitshela ukuthi uyafa ukuphalaza nokukhishwa yisisu. Sivalelisane ngazi ukuthi nguye ongaphathekile kodwa nginethemba lokuthi akukubi kangako,” kusho uNksz Ndlovu.
Uthe uthuke wacishe woma udadewabo esemshayela ucigo ngoLwesibili ekuseni emtshela ukuthi sekushone u-Ayanda.
“Uthe naye uthathwe yiso isisu nokubuyisa. Ube esengazisa ukuthi empeleni bagula bonke, nguyena, umama namanye amadodana akhe amabili.”
“Ngithe sengiza nabamakhaza sizolanda isidumbu sika-Ayanda, ngafica sekushone no-Okuhle,” kusho uNksz Ndlovu.
Uthe ngaleso sikhathi unina, udadewabo no-Emihle bebegula kakhulu, bekhishwa yiso isisu bephalaza.
Uthe ubabizele i-ambulensi ebathathe yabasa esibhedlela.
Wathi unina wabafi udedelwe izolo ekuseni kubonakala sengathi usengconywana, unina no-Emihle basegunjini labagula kakhulu esibhedlela.
“Sisola ukuthi uphoyizeni ufakwe ethangini lamanzi ngoba lisemnyango kanti amanzi alo siwasebenzisela ukwenza yonke into okukhona ukupheka nokuwaphuza,” kusho uNksz Ndlovu.
Uthe bayabona ukuthi uyingozi ngempela uphoyizeni odliwe umndeni wakhe ngoba kuze kwafa nenja edle umphalazo wabafi.
Uthe yena usindiswe ukuthi akahlali ekhaya.
“AboMnyango wezeMpilo bafikile bazothatha amasampula amanzi bayowahlola ukuthi kanti anabuthi buni,” usho kanje.
Ikhansela lendawo, uMnuz Bhekani Mngoma, litshele iSolezwe ukuthi liyile emndenini emva kokubikelwa ngesehlakalo.
Liveze ukuthi umndeni ulitshele ukuthi usola amanzi asethangini njengoba kuthathwe namasampula.
Uthe useqalile ukulekelela ngezinhlelo zomngcwabo ezifaka phakathi ukudla abazokusebenzisa kulindwe umngcwabo, izindleko zamakhaza, itende nokunye.
Uveze ukuthi abantu basathukile kangangokuba nalabo abazokhalisa abafuni ngisho ukuthinta izitsha zakhona.
Uthe sebethandazela ukuthi laba abalaliswe esibhedlela bawuphose umbalane.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseHibberdene abhalise amadokodo amabili okufa kwabantu ukuze aphenywe.
“Kulandela isigameko lapho izingane, eneminyaka emibili neneyisihlanu, zikhale ngokuphathwa yisisu ngoLwesibili. Kuzohlolwa izidumbu ukuze kutholakale ukuthi zibulawe yini,” kusho uNetshiunda.