IZIGEMEGEME ezenzeke kwezepolitiki kulo nyaka zikhombisa ngokusobala ukuthi osopolitiki kabafuni ukusibona sithule.
Siqale ukubabaza unyaka uqala, saqhubeka nokukhexa kwaze kwaba uyaphela unyaka. U-2024 ube nezinketho emazweni ehlukene, imiphumela yashiya abantu abaningi bebambe ongezansi.
Ibhola lisuke lahlala ngokhetho lwezifundazwe nozwelonke ngoMeyi. Imiphumela yokhetho nokwenzeka emva kwalo kushiye abantu abaningi bemangele.
Okugqame kakhulu ukwehluleka kwe-ANC ukuthola izihlalo ezanele ukube iphathe ngokuzimela. Bekuqala kusukela elakuleli lathola inkululeko ngo-1994, ukuba i-ANC yehluleke ukunqoba ukhetho ngamalengiso, njengoba ithole u-40% wamavoti.
Abahlaziyi nabanye abaholi be-ANC bathi imbangela yokwehlulwa kwabo ukusungulwa kweqembu eliholwa owayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, i-MK.
I-MK yafika kwezwakala okhethweni njengoba yaba iqembu lesithathu ngobukhulu, yahamba phambili ngamavoti esifundazweni iKwaZulu-Natal.
Ukwehluleka kwe-ANC ukuthola izihlalo ezanele ukuthi ibuse ngokuzimela kwayiphoqa ukuthi iqale umkhankaso wokweshela amaqembu ezobambisana nawo.
Sekuwumlando ukuthi i-ANC yagcina ikhetha ukusebenzisana namaqembu ayekade enesivumelwano sokuyikhipha emandleni emva kokhetho.
Amaqembu ayingxenye kahulumeni wokubambisana, i-DA, IFP ne-FF Plus, ayenesivumelwano sokusebenzisana asisayina ngaphambi kwalolu khetho.
La maqembu ayefuna ukushiya ngaphandle i-ANC uma sekwakhiwa uhulumeni wokubambisana, kodwa ukwehluleka kwawo ukuthola amavoti anele kwagcina kuwaphoqa ukuthi abuyele kuyona i-ANC.
Ukwakhiwa kukahulumeni wokubambisana nakho kwaba nezimanga, sabona amaqembu anezihlalo ezincane ePhalamende ezisikela kwelinonile ngesikhathi kwabiwa izikhundla.
Amaqembu amancane, iningi lawo anezihlalo ezingaphansi kwezinhlanu, anezikhundla zongqongqoshe.
I-PAC yathola isihlalo esisodwa okhethweni, umholi wayo, uMnuz Mzwanele Nyhontso, unguNgqongqoshe wezoMhlaba nokuThuthukiswa kweziNdawo zasemaKhaya.
I-Al Jama-ah, yathola izihlalo ezimbili, umholi wayo, uMnuz Ganief Hendricks, uyiPhini likaNgqongqoshe wokuThuthukiswa koMphakathi.
I-UDM yathola izihlalo ezintathu, umholi wayo, uMnuz Bantubonke Holomisa, uyiPhini likaNgqongqoshe wezokuVikela.
Indaba yokwabelana ngezikhundla yake yasusa umsindo, bacishe bachitheka bugwayile ngesikhathi i-DA ithi izihlalo azabiwe ngokwezihlalo iqembu elizitholile.
I-MK ne-EFF basale ngaphandle ngesikhathi kwakhiwa uhulumeni wokubambisana.
Ukusala kwe-MK ngesikhathi kwakhiwa uhulumeni waKwaZulu-Natal
I-MK yasala ngaphandle ngisho sekwakhiwa uhulumeni wokubambisana ophethe iKwaZulu-Natal yize kuyiyo eyahamba phambili ngamavoti esifundazweni.
Leli qembu linezihlalo ezingu-37 kwezingu-80, i-EFF yona inezimbili. I-IFP yahlangana ne-ANC, DA ne-NFP, baba nezihlalo ezingu-41 uma behlanganisiwe.
I-ANC yaseGauteng yaziphumela ibhodwe layo
UBUHOLI be-ANC eGauteng benza okwehlukile ngesikhathi kwakhiwa uhulumeni wokubambisana. I-ANC, engazange ithole amavoti anele ukuthi ibuse ngokuzimela kulesi fundazwe, yashiya ngaphandle i-DA ngesikhathi kwakhiwa uhulumeni.
Lesi simo saqatha i-ANC ne-DA, ikakhulukazi uSihlalo we-ANC eGauteng, uMnuz Panyaza Lesufi, noSihlalo woMkhandlu we-DA, uNkk Hellen Zille.
Uhulumeni wokubambisana uqhathe i-ANC namadlelandawonye
UHULUMENI wokubambisana uqhathe i-ANC nedlelandawonye layo elidala, i-SACP. AmaKhomanisi kawajabule ngokufakwa kwe-DA kulo hulumeni oholwa i-ANC.
I-SACP ikhala ngokuthi i-DA inemigomo ecindezela abantu abamnyama. Lokhu kwenze ukuthi kube nokujikijelana ngamazwi kwabaholi be-ANC nabe-SACP. Kwaze kwabizwa umhlangano wokuzobhula lo mlilo obubukeka usha iqubulo.
Muva nje, i-SACP isanda kumemezela ukuthi izongenela ukhetho lohulumeni basekhaya lwango-2026 ngokuzimela.
I-MK ibilokhu isemehlweni abantu
IQEMBU i-MK belilokhu lingundabamlonyeni. Ungingqigongqo wezikhundla iwona owenze ukuthi abantu bayinake kakhulu i-MK.
Baningi abaholi abaxoshiwe kule nhlangano eyasungulwa ngonyaka owedlule.
Phakathi kwabaholi abaxoshiwe kubalwa owabhalisa le nhlangano ngokusemthethweni, uMnuz Jabulani Khumalo, owayengunobhala jikelele, uMnuz Arthur Zwane, nowayengumholi wentsha, uBonginkosi Khanyile, wehliswa nasesikhundleni.
Kwaphinde kwaxoshwa inqwaba yamalungu ePhalamende okuthiwa angena ngopotsho ohlwini lwabazomela i-MK.
I-MK nemizamo yokuphonsela inselelo imiphumela yokhetho
I-MK kayizange iyamukele imiphumela yokhetho, njengoba yafaka icala eNkantolo yezoKhetho lapho yayifuna ukuthi kuchithwe imiphumela yokhetho.
Muva nje, uZuma usanda kuveza ukuthi bafuna ukuthi icala labo lilalelwe ngamajaji aseNkantolo yaMazwe oMhlaba.
Ukushiphelana kwe-MK ne-EFF
UKUFUDUKA kwabaholi be-EFF bejoyine i-MK kudale uqhekeko kula maqembu aphikisa uhulumeni wokubambisana.
Abaholi abahlubuke kwi-EFF baya kwi-MK, kubalwa kubo owayeyiphini lomholi, uMnuz Floyd Shivambu, ababengamalungu ePhalamende, uMnuz Mzwanele Manyi no-Advocate Busisiwe Mkhwebane, kanye nezinye izigayigayi ezifana noMnuz Magasela Mzobe no-Advocate Dali Mpofu.
Lesi simo sidale ukuthi umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, ajikele uZuma.
I-EFF ikhethe ubuholi obusha
EMVA kokuhlubuka kwabaholi abaningi, i-EFF ikhethe ubuholi obusha. Owayengunobhala jikelele wale nhlangano, uMnuz Godrich Gardee, waqokelwa kwesephini lomholi. Lesi sikhundla savuleka emva kokushiya kukaShivambu owayekade ephethe lesikhundla kusukela yasungulwa le nhlangano.
Izindaba zomholi zasekameleni zinekelwa izwe
EZITHINTA ilungu lePhalamende elingusihlalo wophiko lwentsha lwe-IFP, uMnuz Sanele Zondo, zinekelwe izwe.
Indaba yaqala ngokuduka kukankosikazi walo mholi, uNkk Simenyiwe Dlomo-Zondo.
Emva kokuduka izinsukuwana engaziwa ukuthi ukuphi, uNkk Dlomo-Zondo, wavele waqhamuka eseqeketha ezinkundleni zokuxhumana, ekhuluma ngezinkinga zomshado wakhe.
Wakhala ngendlala yasekameleni kanye nangokulamba esiswini. Lesi simo saphoqa i-IFP ukuba inikeze uZondo ikhefu lesikhashana, usanda kubuyela emsebenzini.
Ukushintshwa kwezimeya
KUBE nezinguquko eziningi komasipala baKwaZulu-Natal ikakhulukazi emva kokhetho lwangoMeyi.
Izikhala eziningi zivuleke emva kokuba abebeyizimeya benyukelwe yizimendlela emva kokhetho, bajutshwa eziShayamthetho nasePhalamende.
Owayeyimeya yaseThekwini, uMnuz Mxolisi Kaunda, wajutshwa emikhandlwini wezifundazwe, eThekwini kwabe sekungena uMnuz Cyril Xaba.
Ukushiya kukaNdunankulu waKwaZulu-Natal kwesobumeya kuMasipala wesifunda iKing Cetshwayo, kwenza ukuba kuqokwe uMnuz Sikhumbuzo Dlamini njengemeya yalo mkhandlu.
UMnuz Michael “Mkhonyovu” Khumalo, yena waqokelwa kwesemeya yoMasipala wasefunda iZululand, emva kokushiya kukaMfu Thulasizwe Buthelezi, osephathiswe uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal.
Phakathi kwezimeya ezidliwe yizembe kubalwa imeya kaMasipala waKwaDukuza, uNksz Lindile Nhaca, owaxoshwa i-ANC, nemeya kaMasipala wesiFunda Amajuba, uMntwana uNdabuko Zulu, oxoshwe yi-IFP.