SEKUQUBUKE indida nge-video kasaziwayo ongunontandakubukwa, oveze ukuthi usinde edutshulwa amadoda angaziwa ngoLwesithathu, KwaMashu.
UQuality Biyela uveze ukuthi uhlaselwe amadoda abehamba ngezimoto ezimbili ngesikhathi esuka ehostela lakuleli lokishi elibangise edolobheni, eThekwini.
Le nsizwa idume ngokuchoma ngezimpahla zokugqoka ezibizayo nangohlobo lotshwala obubizayo evamise ukubonakala igeza ngabo izandla ezinkundleni zokuxhumana.
NgoLwesine ezinkundleni zokuxhumana le nsizwa inameke i-video enemoto yayo iBMW 320i ebimbobombobo, ikhombisa lapho ithi kungene khona izinhlamvu.
Kuyo, uQuality uzwakala ebonga amandla kaNkulunkulu athi, umsindise kumuntu obemhlasela.
Ekhuluma neSolezwe ngeSonto, uthe ubengakaqhelelani kakhulu nehostela laKwaMashu abephuma kulo ngesikhathi elandelwa yimoto ngabo-9 ebusuku.
Uthe imoto ifike yama phambi kwakhe maqede wathukwa ngenye yamadoda abekuyo.
Uthe esamangele, ngokusho wakhe, kwaqhamuka enye imoto obekukhomba ukuthi ihambisana nebimphazamisa.
"Ngithe ngisaxakwe yilokho, bavele bakhipha izibhamu badubula bebhekise ngakuthina. Ngibe sengizama ukubaleka ngayo imoto kwasho ukuthi abazibekile phansi. Badubule umzimba wayo (imoto) ngentululwane yezinhlamvu. Kuze kwaphantsha amathayi. Ngesikhathi sekucaca ukuthi imoto ayisakwazi ukuhamba, siphume sabaleka sizama ukusindisa impilo yethu nebengihamba naye. Ngenhlanhla asilimalanga sobabili," kusho uQuality.
Ebuzwa ukuthi ulivulile yini icala, uthe ubengakasitholi isikhathi sokulivula ngenxa yokuba matasa ezama ukulungisa umonakalo owenzeke emotweni yakhe.
Liphawula ngalolu daba, iphoyisa elingagunyaziwe ukuthi likhulume nabezindaba, lithe alikho icala elibikiwe esiteshini saKwaMashu elithinta ukuhlaselwa kwalo saziwayo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu- Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe asibikwanga emaphoyiseni lesi sigameko.