UDJ ongaboni emehlweni unephupho lokuqopha ingoma nomculi wamapiyano, uLady Du.
URaeez Kuhn (27), owaziwa ngelika-Eezo the Blind DJ, uveze ukuthi kuyiphupho lakhe elikhulu ukusebenza noLady Du emculweni. Le nsizwa idabuka e-Eldorado Park, eGoli.
“Umuntu ongikhuthazayo nengibukela kuye nguLady Du, kuyisifiso sami ukuqopha naye ingoma ngelinye ilanga. Ngibe nokujabula kakhulu ngithola umyalezo wokuthi kade edlulisa umsebenzi wami ezinkundleni zokuxhumana. Ngiyamlandela kakhulu emculweni wakhe, umuntu ozithobe kakhulu uLady Du. Akwenzile ezinkundleni zokuxhumana kunginike amandla okuthi ngisebenze kanzima,” kubeka uRaeez.
Eqhuba, uthe ukungaboni emehlweni waqala eneminyaka emibili nje vo. Uthando lomculo lwaqala ngokulalela izingoma ezazidlalwa ngumalume wakhe owayengumshayeli wetekisi. Uqale ukuba nguDJ ngo-2013.
“Ngenxa yothando lomculo, ngo-2012 ngenza ucwaningo ukuthi umuntu ongaboni angakwazi kanjani ukuhlanganisa umculo. Emva kokuthola ulwazi, ngibe sengenza imix yami yokuqala ngo-2013.
Ngisebenzisa izindlebe ukulalela isigqi somculo uma ngihlanganisa izingoma. Ukuba nguphrojusa ngiqale ngo-2020,” kubeka lo DJ ogila izimanga njengamanje.
Uveze ukuthi kune-albhamu ayiphekayo ezobizwa ngeThe Future is Limitless asebenzisana kuyo nomngani wakhe ukuyihlanganisa.
Uphethe ngokuthi ufuna ukuyisebenzela kanzima impumelelo yakhe, akafuni ukudatshukelwa. Elinye lamaphupho akhe wukwakha istudio sokuqopha esizobhekelela amaciko angaboni njengaye.