ABAKAYIKHOLWA namanje into abayibone ngamehlo abo, kudindiliza izidumbu zabangani ababili, eHazelmere, eVerulam ngoMgqibelo.
Kule sigameko, kushone uMnuz Mthethowakhe Malinga (33) emva kokugwazwa umngani wakhe, ogcine exhifwa wumphakathi ngamatshe waze washona.
Ngokuthola kweSolezwe, umsolwa uqale wahlasela omunye umngani endaweni, ophuthunyiswe esibhedlela, ngaphambi kokuthi ahlasele uMalinga.
Ngokusho kukanina kaMalinga, uNksz Ntombenhle Khanyile, isigameko senzeke egcekeni, bengazelele besanda kuvuka.
Uthe ubesaziphumulele endlini yakhe ngesikhathi kungena ingane yasemndenini ikhala ithi umalume (uMalinga) usebulewe.
“Ngiphuthume endlini yakhe masinyane. Angikukholwanga engikubone ngamehlo ami, ngimbona edindilize eduze komsolwa,” kusho uNksz Khanyile.
Uthe ngesikhathi embheka ubesawavulile amehlo, kodwa engasacwayizi futhi engasanyakazi wathi umsolwa ubelele ebheke phansi, elimele.
“Ngibone igazi ligobhoza lisuka endlini yendodana yami ngabona ukuthi ukuhlasela kuqale khona,” kusho uNksz Khanyile, othe ngenxa yokwethuka, uvele waquleka.
Uthe ngesikhathi esephaphama utshelwe ukuthi indodana yakhe igwazwe amanxeba amathathu ezindaweni ezibucayi okuyisesiswini, enhliziyweni nasentanyeni.
Uthe nakuba ubengeze angayinaka impilo yendodana yakhe, athe isikhathi esiningi ibiza endlini yakhe uma izodla bese iyohlala endlini yayo noma ebanganini, uzwile ukuthi kuthiwa bebezwana nomsolwa.
“Ngisamangele ukuthi yini le engaka ebebeyibangile, yaze yaholela ekutheni amgwaze ambulale,” kusho uNksz Khanyile.
Uthe ubegcine ukuyibona iphila ntambama ngoLwesihlanu indodana yakhe ngesikhathi ebuya emsebenzini.
“NgoLwesihlanu ebusuku akezanga endlini enkulu futhi nami nganganaka, ngicabanga ukuthi hleze usebanganini. Ngiphatheke kabi sengimbona esethule ekuseni izolo (esho ngoMgqibelo),” kusho uNksz Khanyile.
Isolezwe lizamile ukuzwa ukuthi bekubangwani kuMnuz Mdeyi Mdizwa, onguyise wowesilisa okuthiwa uphuthunyiswe esibhedlela kodwa walandula.
Uthe ubengakakwazi ukuxoxa naye, ezwe ukuthi imbangela yokuhlaselwa bekuyiyiphi.
Uqinisekise ukuthi bobathathu abathinteka esigamekweni bebengamathe nolimu. Wathi isikhathi esiningi bebebonakala behamba ndawonye.
Ikhansela lendawo, uMnuz Fakazi Mdletshe lithe liyile endaweni yesigameko, lathola isimo esinyantisa igazi.
Ukhuze ukusetshenziswa kwezidakamizwa entsheni, njengoba ethe uzwe kuthiwa umsolwa ubephuzile.
“Okubuhlungu ukuthi lo ambulele ubengadakiwe. Siyakukhuza ukusetshenziswa kwezidakamizwa entsheni ngoba zidala ukuthi kungabi nokubekezelelana,” kusho uMdletshe.